KULE nhlobonhlobo yezidalwa ezikhona emhlabeni umuntu wakhiwe ngolunye uhlobo lukasimende.
Lapha ekukholweni kuye kuthiwe umuntu wakhiwa waba ngumfanekiso kaNkulunkulu. Ngingahlose kunishumayeza, engingakusho ukuthi nami njengekholwa ngiyayivuma le ndaba. Lapho kufike kube nomehluko khona, ngokusho kwabaphathi beZwi, ukuthi isidalwa esingumuntu sehluke kuYise ngokona njengalokhu ekukholweni sihleli endabeni yokuthi owethu unguSimakade, kaguquki endleleni yeqiniso futhi kafi. Thina bantu simfuzile nje, asinguye. Siyafa, sinamanga, siyalamba, singomalal’ ephenduka, sinenyongo futhi siyona.
Angibhali-ke ngenkolo, ngisebenzisa nje isibonelo sale ndlela engiyiphilayo njengentuba yokucanda kahle lolu khuni olubizwa ngomuntu - olungolwesihlahla sekhethelo njengalokhu lubusa phezu kwezinye izidalwa.
Siya onyakeni lapha sekuzosuka isishingishane semikhankaso yamaqembu epolitiki. Sebeshilo-ke osibhincamakhasana kulo mkhakha ukuthi sengathi kuleli gemu kuzohlukana inhloko nesixhanti njengoba sengathi izinsika zabanikazi bamandla, uKhongolose, ziyanyakaziswa.
Kukulesi sikhathi-ke semikhankaso lapho kucaca kahle ukuba yisipesheli kwesidalwa esibizwa ngomuntu. Umuntu uyimali ethi mali. Umuntu yimayini. Umuntu uyibhange. Ucebile. Uma kukhulunywa ngomnotho kusuke kushiwo umuntu.
Osozimali bazi kahle ukuthi ngaphandle komuntu, bawothwanqu, ophuya. Ngeke wayakha imali ungasebenzi ngomuntu. Abahlakaniphile bayazi ukuthi uma uphethe abantu usuke unohlobo lwegolide okungahwebeki ngalo kodwa usuke ungene shi kwezohwebo - ngaye umuntu. Futhi uyabiza umuntu.
Izindonga nemithangala okubiyelwe ngayo osopolitiki eyakhiwe abaqaphi nabakhulumeli iyadilika ngoba sekufunwa le mali engumuntu.
Seluvele lusukile ushikishi, abaholi bephuma bengena nakwandlwana, nasezingqaqeni okungahambeki kuzo, ngisho nasemafukwini emijondolo befuna imali engumuntu. Yibo labaya bequkula izingane beze bazesule ngisho ujunguju emakhaleni. Konke lokhu kwenziwa ukuthi bayazi ukuthi uma belandelwa umuntu balandelwa yimali.
Bengikhangela nje ezinsukwini lapha ezinkundleni zokuxhumana, sengibona okuthathe amehlo ami lapha kugujwa usuku lokuzalwa komholi webandla lamaNazaretha eBuhleni. Akukho nokuncane ukungabaza ukuthi lolu hlangothi lwaleli bandla lungujikelele ngesibalo esiphezulu samalungu alo. Ngaleyo ndlela luphethe umcebo - abantu.
Bazi kahle-ke abakhonza khona ukuthi ngisho oscuphathashi abangakhonzi laphaya abashayela phezulu ezindaweni zabo. Babathaza ngocetshwayo, bafingqe imibhulukelo, bagaqe amakhilomitha “beyocela” abakucelayo. Abanye bashaya imishuqulo engakaze baziphuphe benqwaze ngayo, bangene emalokweni abangakwazi nokuhamba uma bewafakile ngenxa yokungavami. Angingabazi kukholwa kwamuntu, kodwa siyazi ukuthi into ebafuqa kakhulu ukulobizela ingcebo engumuntu esuke ithe yatha emathempeleni.
Kunjalo nakwamanye amabandla, izivakashi zosopolitiki zifike zikhombe yonke inhlobo yokuhlobana kwazo nalelo bandla. Uma engaganwanga noma enganele kulo, kuba olunye uhlobo lokwazana okugcina ngokuthi “ngakho-ke mina ngiyingane yaleli bandla”.
Empeleni abaholi bamabandla kumele ngabe sebeyayazi le sizini ezayo. Abalindele ukuthi uSonto neSonto, iSabatha neSabatha izinkonzo zingase zithi ukweluleka. Izikhulumi ezivakashile zizobe zingashodi.
Bekungaba yiseluleko sami ukuthi abefundisi bangazithambisi ekugxileni evangelini lokunikela nxa befika “okhonjwa ngekhanda” abahehwa yimayini engumuntu. Izongena iminikelo ethe ukubheka kunodenariyu besoso labakhonza njalo. Ngonyaka wokhetho kumele zithi fuku izikhwama zamabandla ngoba bazobe bephuma bengena njengendlela yokuzakhela ugazi. Akusona isono lesi abasenzayo, engikushoyo ukuthi abanikazi bemayini kumele bahlomule ngoba cishe impenduko yindaba eqhelelene nosombangazwe.
Bayongixolela abaneqiniso bebe besemkhakheni wepolitiki, isiZulu sithi zifa ngamvunye. Bengizithiphisela amabandla ukuthi lo nyaka ozayo akube unyaka wenala ngoba esesikubonile kule minyaka edlule banele balithole igolide bagugumbe nalo, kusale sengathi bekudlule isikhonyane.
UKhisimusi omuhle nonezibusiso!