Mhleli: Ngikhathazwa ngabaholi abangayilandeli imithetho yezwe abalawulwa yimizwa yabo. UNgqongqoshe wezabaSebenzi kuzwelonke, uMnuz Thulas Nxesiuthi kumele sihlephulelane ngesinkwa esingekho nabokufika. Uyasithuka singabantu bakule lizwe esalivotela ukuze sizuze inkululeko. Ngabe yiyo le nkululeko yokudelelwa nguNxesi?
Siyazi ukuthi sanibeka emandleni kusukela ngo-1994, sicela ningadlali ngathi baholi bethu.
Uyabona ngesikhathi kuteleka abamaloli bekhala ngokuthathelwa imisebenzi ngabokufika, impendulo kaNxesi ithe nabokufika kumele baqashwe.
Ngabe ubezizwa ukuthi uthini uNxesi uma ekhuluma kanje noma uthathe inkulumo wazoyisho kithina engayihluzanga nhlobo?
Uma ethi kumele sibanike imisebenzi abokufika, ngabe usho miphi imisebenzi ?
Izovelaphi imisebenzi njengoba sihlaselwe yindlala nokusweleka kwamathuba emisebenzi ezweni, ikakhulu intsha efundile nengafundile?
Mhlawumbe le nkulumo ubeyiqondise emndenini wakhe osebenzayo nongaswele hhayi emndenini onezingane ezineziqu zemfundo kodwa okungasebenzi muntu kuyo.
Emva kwenkulumo kaNxesi kuvele ukuthi amanye amazwe anjengoZambia, Tanzania, Nigeria athi imisebenzi engadinge buciko nokuyimisebenzi enjengokushayela amaloli, ngeyabomsinsi wokuzimela kulelo lizwe.
Lokho kusho ukuthi kabadingi muntu ezweni labo ozofesela ukuba wumshayeli weloli noma unogada noma umsebenzi wasezindlini nokuyizinto esizivumayo kuleli ukuba sithathelwe zona.
Ngaphambi kokuba umholi akhulume kumele angene ezicathulweni zabantu abangasebenzi noma zabantu abalala bengadlile.
UNxesi ungenze ngabona ukuthi sicindezelana sodwa ezweni futhi sicindezelwa ngabantu esabavotela ukuthi basiphathe.
Khabzela KB Mzimela
EZWELIBOMVU