MHLELI: Ingqalabutho yombhali yase-USA, uDkt John C Maxwell, yake yasho amazwi anesigqi yathi: “Wonke umuntu umelwe ukukalwa ngamagalelo akhe amahle.
Ezinsukwini ezizayo inkosi Mangosuthu Buthelezi, izogubha usuku lwayo lokuzalwa, ngifikelwa yilawo magama kaMaxwell futhi ngifisa ukuthi uShenge akhukhunjulwe ngawo esandla anhlamvana.
Ngeke ngimbheke uShenge ngeso lepolitiki, ngifisa ukuphawula ngaye njengomZulu nomvikeli wobukhosi bukaZulu.
Ngeminyaka yo-1950 uhulumeni wamaBhunu owawuholwa nguD.F Malan, washaya umthetho owawaziwa ngeBantu Authorities Act, owaholela ekusungulweni kohulumeni bezabelo, iBantustan ohulumeni bakazimele geqe.
ElakwaZulu kuphela elingaze liwemukele umbuso kazimele geqe. UShenge wawubona usekude umphumela omubi walolu hlobo lombuso, kunalokho wakha uhulumeni kamaziphathe kwelakwaZulu. Uhulumeni kazimele geqe wawusho ukuthi umuntu osendaweni yasemakhaya uyogugela emakhaya. Wayengavumelekile ukuyofuna amatoho edolobheni ngoba kwakumele abe nemvume ephuma ePitoli, ukuze akwazi ukuyofesa emafemini edolobheni. Namhlanje zonke izindawo ezemukela uzimele geqe zibonakala ngombala, ngeke ngichaze okuningi.
UKhongolose ka(Dkt OR) Tambo wawufuna ukuthi mhlazane uthatha izintambo zombuso, wonke amandla okubusa nokuphatha aqoqelwe ePitoli, njengoba kwakwenza amaBhunu. UShenge owalwa kwaze kwanqamukaza izandla ephikisana nesiphakamiso sikaKhongolose, efuna ukuthi izwe lilawulwe ngohlelo lokubusa ngokwabela amandla ezifundazweni.
Ukube lafezeka iphupho likaKhongolose ngabe izifundazwe azikho. Uma zikhona ngabe azinawo amandla okuzilawula. Konke ngabe kwenziwa iPitoli, ngisho ukucela imali yokwakha inkulisa endaweni.
Ngenxa yokuthi izimboni eziningi zaziseThekwini, uShenge wakha KwaSithebe eMandeni, ukuze abantu, ikakhulu abesifazane bangahambi kakhulu bashiye imindeni yabo beyofuna imisebenzi eSiphingo. KwaSithebe bekuqashwe izinkulungwane zabantu ngaphambi kokuthi uhulumeni wethu ulethe amaShayina, azowisa izimboni zakithi zendwangu ebeziqashe omama bethu. Uqhubekile uSondiya wakha izikole nenqwaba yamakolishi othisha, nenyuvesi yodumo eMlaza, eqanjwe ngaye.
Kumele ashayelwe ihlombe uMhlonishwa uNkk Bongi Sithole-Moloi, ophethe uMnyango wamaSiko nezobuCiko ngokwakha isizinda-lwazi esinomlando kababa uShenge. UNkk Sithole-Moloi ukhombisa isibindi, ubuntu, ubuhlakani nobuholi obungaphezu kwepolitiki.
AmaZulu angempela ayazi ukuthi uSondiya ubufukamele kanjani ubukhosi bethu, kwala ngisho amaZulu ayesengamambuka esengene kwezobuKhomanisi efuna ukuqeda ubukhosi kodwa wama uShenge kwaze kwaba sekugcineni. Uhulumeni wamaBhunu wawufuna ukuthi Isilo uBhejane kaNyangayezizwe, sibe yisichuse senkosi bese amakhosi kube oshifu. Yilapha kwelikaMthaniya kuphela, lapho amakhosi engabizwa ngoshifu ngoba uShenge wayivala leyo nto. AmaBhunu ayefuna ukuthi amakhosi kube ngabafana bezinkomo, izinto ezingenamandla nasithunzi. Bese kuthi Isilo sifane nenduna nje. Isilo esebuzile uMdlokombane wayengeke ahlale esihlalweni ngenxa yokuthi kwase kukhona amambuka ayesegqishe nguMntwana waKwaNxangiphilile u-Israel kaSolomon.
UMntwana omkhulu wayeseteleka ukudedela izinyane likaNdaba esihlalweni salo. Nalapho kwasiza yona iMbabazane yangena nezicabha endlunkulu, izokhipha uMntwana omkhulu esihlalweni seMbube. Lathatha kanjalo-ke iZinyane likaBhusha. Akangagcina lapho uShenge, walicathulisa njalo iBhubesi laze lakwazi ukuzibhongela ngokwalo.
Ingonyama Trust, yifagugu elingachazeki nelingasoze lalinganiswa nalutho kithina maZulu, uMnyamana asishiyela lona nezizukulwane zethu. Namhlanje amakhosi akithi aphulula imikhaba uma ebuka imihlaba yoyise, into ayengeke ayinuke ukuba uShenge akabhekananga ngeziqu zamehlo nabenkomo kaHaga, kanye namakhecengula akithi amnyama ayesehleli kwelinye itafula kwiCodesa, ecashe ngobuKhomanisi.
Yiyo leNgonyama Trust namhlanje uhulumeni aseyiconsela amathe. Uma singasukumi singuZulu sivikele isikhwama seNgonyama, elakithi liyophenduka uzimele geqe, amakhosi aphenduke odakabhoyi nezinkothangqoko zamaShayina, emihlabeni yoyisemkhulu.
Kuyiqiniso ukuthi njengazo zonke izidalwa eziphilayo emhlabeni, naye okaMathole ngeke aphile ingunaphakade. Sengathi namhla sishaya isikhathi sokuguqa kwakhe, ingakhunjulwa imisebenzi yakhe emihle, kuleli nakwelizayo. Ngazwi linye sithi: Unwele olude Shenge!
Siya S. Mbatha (Insingiz’Emhlophe)
UMGUNGUNDLOVU