Insights into the Rugby World Cup, ibhalwe nguNick Mallett, noLloyd Burnard yashicilelwa yiJonathan Ball Publishers
UCHAZA ukubaluleka kokuthi amaBhokobhoko alwele ukufa, nokuphila ukuthi anqobe iNdebe yoMhlaba yebhola lombhoxo ka-2023, eFrance. Uzishaya isifuba ngokuthi libukhali futhi lizokwenza ezibukwayo iqembu eliboshelwe nonyaka, eliqeqeshwa nguRassie Erasmus, noJacques Nienbare nabasizi.
Ekhasini 85, uqhakambisa ikhono likaRassie Eramus, lokuphemba isikwati esiqinile kusukela ethatha izintambo ngo-2018, wahlomela iNdebe yoMhlaba ka-2019, ezinyangeni eziwu-18 ehola iqembu.
"Uma ubheka umsebenzi awenza ngeleso sikhathi okwaholela ekutheni amaBhokoBhoko anqobe i-England ngoNovemba 2, eYokohama, ukuze athathe isicoco ihlandla lesithathu, lokho kuyamangaza," kubhala uNick.
UMallett uxwayisa ngokubaluleka kokuthi kube nokuthembana phakathi komqeqeshi nabadlali. Uyazilahla ngephutha alenza ngesikhathi engumqeqeshi wamaBhokobhoko ngaphambi komqhudelwano weNdebe yoMhlaba ka-1999.
“Ngenza iphutha ngokukhipha uGary Teichman esikhundleni sokuba ngukaputeni weqembu- umholi weqophelo eqenjini lethu- ngenxa yokwehlelwa yizinga lokudlala. Lokho kwadala izinkinga ezinkulu.
“Nganikeza uRassie Erasmus, isikhundla sokuba ngukaputeni futhi ngangicabanga ukuthi uzosamukela bese ngisebenza kangcono naye. Kepha wasinqaba ngenxa yezizathu eziningi. Esinye sezizathu kwaba wukuthi wayeseka uGary futhi efuna abe yingxenye yeNdebe yomhlaba,” kubhala uNick, ngamaphutha awenza esacija iqembe lesizwe.
Ziningi ezinye izincwadi ongazithola kwabase-Exclusive Books https://www.exclusivebooks.co.za