MHLELI: Umqeqeshi weBafana Bafana, uHugo Broos, useyisitha samaqembu athile.
Lokhu ngikususela emdlalweni obuphakathi kweBafana neNamibia ngoMgqibelo. Umdlalo ubumuhle kakhulu, amaqembu womabili ehlaselana kuvalwe amehlo, waze wayophela umdlalo ingekho evume ukugoba uphondo.
Ibhola lase-Afrika likhuphuke kakhulu. Alisekho izwe elishaywa kalula. INamibia yenza kahle kakhulu, kangangoba imi kahle ekuzibekeleni indawo emqhudelwaneni ozoba se-Ivory Coast ngonyaka ozayo, obizwa nge-Africa Cup of Nations.
Emva komdlalo uKhozi FM lube nohlelo lwezemidlalo lapho abantu bebeshaya izingcingo bephawula ngomdlalo. Engikutholile kubantu bebegxeka iBafana nomqeqeshi.
Ngikwazile ukubona ukuthi abagxekayo ngabalandeli beqembu elithize. Futhi ngibonile ukuthi umqeqeshi sewaba yisitha sabo ngoba wake waphimisa amagama alumelayo lapho athi ngeke abafake abadlali baleli qembu ngoba kalenzi kahle.
Okwashiwo uBroos sekwenze bangamthanda base belahlekelwa yinhloso yemidlalo yesihle.
Sizokhumbula ukuthi yena lo mqeqeshi uke waba nyamanambana nakwiMamelodi Sundowns ngenxa yezinkulumo zakhe. UBroos usezingeni eliphezulu futhi uyazi ukuthi yini ayifunayo emdlalweni ngamunye.
Ake siyeke ukubuka iBafana ngeso leqembu lakho olithandayo. Lo mqeqeshi ushaye iMorocco. Manje siyaya e-Ivory Coast kweye-Afcon. Yini enye esiyifunayo?
Uma efaka abadlali abaningi beSundowns, amukho umuntu osile ongaboni isizathu salokhu. I-Sundowns idlala kwiChampions League. Ikujwayele ukubhekana nabamaqembu angaphandle futhi iyaphumelela.
Kuzofanele sibuye sibubheke nobudala bomqeqeshi weBafana. Usekhulile. Sekubuye kuziphumele nje emlonyeni wakhe. Akuyona into ongamzondela yona leyo.
Sakhiwo Bhulose
E-KZN