Incwadi i-Bridge, ibhalwe nguLauren Beukes, yashicilelwa yiPenguin Random House
KASIKHO isimanga esitheni encwadini ethi Bridge, ebhalwe nguLauren Beukes, yashicilelwa yiPenguin Random House. Umbhali weluleka ngesifo sengqondo esihlasela abantu abaningi futhi esihlakaza imindeni ngenxa yokuthi kasiqondakali kahle.
Indlela abhala ngayo ingakuqeda umdlandla uma ungenaso isineke sokufunda. Uma echaza ngabalingiswa uyagwinciza, ashone lena, nalena. Ungagcina usukhohliwe ukuthi ingqikithi ngomlingisi ngamunye iqala kuphi futhi iphela kuphi. Sisemqoka isihloko esigxile enovelini yakhe, lapho edweba isithombe ngobudlelwano phakathi kwendodakazi nonina.
Indikimba yenoveli iphakathi kukamama uJo, ongudokotela wezengqondo nendodakazi yakhe uBridge. Baphila kahle kepha umama uphazanyiswa ukuhhema ngesinye isikhathi yize efundile engudokotela.
Kuhlaluka okuningi kuBridge ngemva kokushona kukanina uJo, obehlushwa yisifo sengqondo nokhwantalala ngoba kuvela amahlazo. Kukhona abafuna ukweba ulwazi ngocwaningo obelwenziwa nguJo kepha lokhu kuyibeka engcupheni impilo kaBridge. Yize kusemqoka ukuxwayisa ngesifo sengqondo kepha kubalulekile ukuthi ulwazi lweneka ngendlela ecacile.
Akasiyena umafikizolo kwezokucikoza uLauren futhi wenze ucwaningo olunzulu ngale ncwadi elulekwa ngongoti nososayensi imbala ngakho zitholele eyakho uzifundele hleze kuningi ozokuzuza.