KUSINDA kwehlela ukuba ngumholi wesifazane futhi kunzima kakhulu uma ungunkosikazi wowayengumongameli wezwe, i-USA.
UMichelle Obama uxoxa ngezinselelo abhekana nazo ekhula encwadini ethi Becoming. Uthi abantu abaningi bakholwa wukuthi konke bekumhambela kahle empilweni kanti akunjalo.
Njengabanye besifazane, uMichelle wake waphuphunyelwa yisisu futhi wasebenzisa uhlelo lwe-IVF (invitro ferilisation) ukuze athole amadodakazi akhe amabili.
Ngaphambi kokushada noBarack Obama, wayezimele futhi ezisebenzela. Uthi uBarack akaphumi ekhaya elinengcebo kepha ukhaliphile futhi uyakwazi ukuzimela yize kunezinselelo. Empeleni uthi konke akuzuzile empilweni ukusebenzele, akazange abe ngukhangezile.
Uphosa inselelo ebantwini abazitshela ukuthi washada uBrack Obama ngoba ecebile. Cha, uMichelle uthi wafunda wagogoda futhi wasebenza ngaphambi kokuthi ashade noBarack. Ugxeka inkolelo-ze yabantu besifazane abangafuni ukuzimela ekubeni behlakaniphile futhi bengakwazi ukwenza noma yini ngempilo yabo.
Ungaphuthelwa yizincwadi eziwu-23 eziqokwe ngabakwa-Exclusive Books, njengezidlisayo nonyaka.
Ziningi izinhlobo zezincwadi ongazithola kwi-https://www.exclusivebooks.co.za