MHLELI: Ngibhala le ncwadi ngithukuthele ngenxa yento eyenziwa wumbhali noma abadlali boZalo oludlala kwiSABC1 njalo ebusuku.
Mhleli wami ayikho leya nto esibukiswayona lapha kudlalwa ngathi nangemiqondo yethu empeleni nje umbhali woZalo uqonde ukusidelela nje usibukela phansi futhi.
Angikaze ngiyibone imbudane enjeya selokhu ngazalwa wubaba nomama, lento kaNkunzi nabafazi abayinqwaba ahlala nabo endlini eyodwa.
Bonke bathobela isimo abangaphansi kwaso, uMaMlambo usehlukane kangaki nje noNkunzi baphinde babuyelane.
Laba bantu njalo babeshadile asikaze sizwe kuthiwa bayadivosa kodwa kukhona lapho uMaMlambo ayeseshade khona noQhabanga wayesehlukanise nini noNkunzi?
Angisayiphathi-ke ekaQhabanga owathatha uMamlambo, uGabisile wabuyela kuNkunzi kwafika uMazaza.
Phathaphatha naye useyafa wuthando lukaNkunzi, noNkunzi usembiza ngomfazi wakhe uMazaza.
Hhayi ngeke bakithi umbhali woZalo ake ahlale phansi acabange kabusha indaba afuna ukuyixoxa. Ayikho le nto eyenzeka kulo mdlalo kuwukusehlisa isithunzi nje uma bona bebona ukuthi singayikholwa.
Mina ngazi ukuthi uma kubhalwa isitori kusuke kubhalwa into engaba yiqiniso noma egudla ezintweni eseke zenzeka hhayi inganekwane le esidlalelwa yona. Okunye engikucosha kulo mdlalo wukuhluleka wukuveza indawo yesonto.
Gcina Sibisi
KwaMashu