I-Mandela:in honor of an extraordinary life, ilotshwe nguDkt Makaziwe Mandela, yashicilelwa yiRizzoli New York
IFINQE imikhono indodakazi yevulandlela lezombalazo ubaba uDkt Nelson Mandela, yahlonipha uyise wayo ngokuloba incwadi elandisa ngempilo nobudlelwano babo. Sisonga iNyanga yamaGugu ngokuqhakambisa ubuholi bukaMandela, ngencwadi ethi Mandela: in honor of an extraordinary life, elotshwe ngumafungwase wakhe uDkt Phumla Makaziwe Mandela.
UMakaziwe, ngokubambisana nezinkampani iRizzoli New York, neSG Distributors South Africa, bahlela ukwethula incwadi ngokusemthethweni ngo-Okthoba 5, eNingizimu Afrika, kuthi ngo-Okthoba 10, yethulwe phesheya kwezilwandle.
UMakaziwe uloba ngomlando kayise kusukela eMvezo, aze ayophelela eGoli. Ulanda ngendlela ehlukile futhi ekhombisa uthando nokukhumbula uyise, lokhu abanye ababhali abangakwazi ukukwenza.
Uzibambele mathupha uMakaziwe encwadini, lapho echaza ukusuka nokuhlala kwezigaba ezehlukene zempilo nobudlelwane bakhe noyise. Incwadi iqukethe izithombe zomndeni notata ezingakaze zishicilelwe, iqoqo lezincwadi ezikhethekile ezazibhalwa nguyise, nemidwebo ekhethekile neyingqayizivele kaMandela aqala ukuyenza eseneminyaka ewu-83.
Ngingathi incwadi ifana nomtapo wolwazi ngomlando kaMadiba futhi inezithombe ezibalulelekile zomndeni. Ixoxa ngeqhaza likaMandela engubaba, engumkhulu, engumnyeni emakhosikazini akhe amathathu ngokwehlukana kwezikhathi.
Ilandisa ngezinhloso zikaMandela njengomholi omnyama owadonsa iminyaka engaphezulu kwewu-27, ejele futhi waphuma waba ngumholi wokuqala wentando yeningi. UMakaziwe, udweba isithombe ngoyise owalwa nobandlululo, uqhakambisa umlando wakhe esizweni sakhe samaXhosa, eNingizimu Afrika naphesheya kwezilwandle.
UDkt Phumla Makaziwe Mandela, uyindodakazi katata noNkk Evelyn Mase futhi unguSihlalo nomsunguli weHouse of Mandela.
Ziningi ezinye izincwadi ongazithola kwabase-Exclusive Books https://www.exclusivebooks.co.za