MPUMELELO ZIKALALA
EZINKUNDLENI zokuxhumana bekuphambana imiyalezo emihle ngobaba ngeSonto esiphuma kulo. Izingane nonina bebebonga obaba ngokubanakekela, ukubondla nokubenza bazizwe bevikelekile. Lokho bekukhombisa ngokusobala ukuthi obaba babaluleke kangakani empilweni yezingane nasekukhuleni kwazo.
Akubona bonke obaba abajabulile; kukhona abangakaze bazibone izingane zabo ngoba kuthiwa abazihlawulanga. Kube nobaba abangazazi izingane ngamehlo enyama ngoba kuthiwa kabondli, kube yilabo abakwenza konke kodwa ngenxa yokuthi ubudlelwano phakathi kwabo nonina bezingane abusekho, abangakwazi ukuthola ithuba lokuzibona.
Ukuxabana kulimaza kakhulu ingane, kunalabo abasuke beklwebhana. Ihlala ingalazi uthando lukababa, ingazi ukuthi kumnandi kangakanani ukuthandwa nokunakekelwa ubaba. Kuphinde kube nalabo obaba abangodunga-manzi, abangondli yize amandla ekhona, bakhethe ukushaya amavosho ebumnandini kunokuthengela ingane ukudla nezinto zokwembatha.
Kulabo abathi sifuna ukwenza okuhle kodwa sivinjiwe, kumele senzenjani? Kubalulekile ukuxhumana nommeli kulolu daba ngoba lugcina seluphelela enkantolo.
Uthini umthetho ngobaba abavinjelwa ukuba nobudlelwano nezingane zabo?
Umsuka ukuMthethosisekelo; izigaba- 9, 10, 27, 29, ikakhulukazi-28, esibeka sigagule ukuthi izingane zibalulekile futhi azinakekelwe. Lezi zigaba uma sezihlangane zithi enzani konke ukuze ukukhuliswa nokunakekelwa kwezingane kube ngokuhloniphekile. Umthetho ugcina impilo ende nenhle nebhekelela abazali bobabili.
Umthetho i-Children’s Act ka-2005
Lo mthetho uthi asibheke ukuthi ikuphi okuzohlomulisa ingane, sibuke ukuthi yondliwa kanjani nokuthi inakakelwa kanjani. Lapha kubhekwa izidingo zempilo, imfundo, inkolo nosiko lwengane.
Izigaba-18 kuya ku-27 zinika amalungelo kobaba - beshadelwe noma bengashadelwe - ilungelo lokuba ngobaba ezinganeni zabo. Ilungelo lithi, ijoko lakho ukunakekela, wondle, uvikele, uphinde ube umnakekeli wengane.
Uma kuza enzinqumweni ezinqala kubuzwa kuwena, ingakho uma ingane igula idinga ukwelashwa, kubizwa wena ukuthi uzovuma ukuthi inyangwe. Kanjalo uma izophuma ngaphandle kwezwe, kudingeka imvume kababa ukuthi ingakwazi ukuya phesheya kwezilwandle.
Kuxazululwa kanjani ukunaboni ngasolinye kubazali?
Njengakho konke ukungaboni ngasolinye, kugcina emphelandaba okuyinkantolo. Yona ibe isibuka ukuthi umthetho uthini, ibhekise amehlo ngakhona.
La yi-Children’s Act ka-2005 elawulayo. Lo mthetho uthi inkantolo iyona ekhipha izwi lokugcina.
Inkantolo ayisebenzi yodwa, isebenza neHhovisi lika-Family Advocate eligcwele ongoti abakwaziyo ukucubungula, baphenye bese benza izincomo zokuthi izingane kumele zinakekelwe kanjani.
Lezi zincomo zigcina zifike ezithebeni zenkantolo, ithathe izinqumo iholwa yizona. Ingakho kubalulekile ukuthi uma usehlelweni olunjalo, ulilandele, uligcine futhi unake ukuthi kubhalweni.
Unalo ilungelo lokuphikisana nezincomo zeHhovisi le-Family Advocate uma ungavumelani nazo noma ubone ukuthi kukhona okungahambanga kahle.
Kodwa uma uthi konke kulungile, udaba lube selungena enkantolo, inkantolo ithathe leso siphakamiso isenze isinqumo senkantolo.
Nanku umbuzo omkhulu; uma ngabe kukhona ukhandalimtshela okwalo, ozothi cha, akukho ngane yabonwa uwena baba wayo! Ubhekana kanjani nesimo esifuze lesi?
Uphindela lapho enkantolo, uvule icala lokuthi kudelelwe umyalelo wenkantolo. Isigwebo salapho sithi angaboshwa, ahlawule noma akwenze kokubili loyo odelele inkantolo. Kanjalo isikhonzi senkantolo siyobe sesithatha indawo yakho sikwazi ukukunika amalungelo akho, ikakhulukazi la udinga khona ukuphuma ngaphandle kwezwe kodwa kudingeka imvume yoyedwa.
Asilungise lana ke; kukhona abaningi abahlanganisa okuningi okungahlangani, akuwoma umgomo womthetho ukuthi uyoyibona mhla wahlula ingane, kanjalo akuwona umthetho ukuthi uma ungayiboni ingane angeke uyondle.
Akukho la kuthiwa khona ungabi ubaba wengane ngenxa wokuthi ingane ayivakashi kuwena. Uma uthola amandla akho enqundeka, thola usizo lwezomthetho, usebenzise iHhovisi lika-Family Advocate nenkantolo yezezingane. I-Children’s Act ikhona ukukulwela, inqobo nje uma ulandele yonke imigomo.
Okubaluleke kunakho konke la, umphefumulo ongenacala olethwe emhlabeni ungacelanga ngabantu ababili abebekade bejabule. Asingathathi izinkinga zethu sizithwese izingane ezingenacala.
Izingane ziyisibusiso, asizithande sizinakelele sizikhusele ngendlela ngaso sonke isikhathi. Asondleni madoda!