ISIHLOKO SENCWADI: Durban's casbah: bunny chows, bolsheviks and bioscopes
UMBHALI: Ashwin Desai noGoolam Vahed
ABASHICILELI: UKZN Press
UMHLAZIYI: Mpume Nzimande
ITHOLAKALA: Exclusive Books , UKZN Press nasezitolo zobuchwepheshe
ZAZIBUYA edolobheni laseThekwini, lapho kwakuhlala abomdabu waseNdiya. Abalobi bencwadi ethi Durban's Casbah: Bunny Chow, Bolsheviks and Bioscopes, okungu-Ashwin Desai noGoolam Vahed, balanda ngomthelela wezinqumo zikahulumeni wobandlululo zango-1960.
Incwadi eshicilelwe yi-UKZN Press ilandisa ngokufudulwa kwabomdabu waseNdiya, ezindaweni ezehlukene ngenxa yemithetho yobandlululo. Phakathi kwezindawo abasuswa kuzo kubalwa iGreyville, Botanical Gardens, Stamford Hill, Warwick Avenue nezinye.
Ababhali abangosolwazi benze ucwaningo olunzulu ngokuxoxa nezintatheli nokucaphuna imibhalo yezingqalabutho zabaholi bomzabalazo okunguSteve Biko, Strini Moodley nembongi uMafika Gwala nabanye.
Osolwazi bathi uhulumeni wobandlululo wehluleka ukubaqeda ugqozi nentshisekelo yokulwela inkululeko. Bavula amabhizinisi, bafunda futhi baqhuba amasiko abo.
SIYAQONGA isihlava sokugqilazwa kwezingane ngezinye ezingamabhoklolo ezikoleni, emigwaqweni, nasezinkundleni zokuxhumana.
Ezinye ziphucwa ukudla noma imali, zenziwe inhlekisa, zishawe noma zigqilazwe ngandlela thize. Intatheli uMarion Scher, iwuneka obala umkhuba weziqhwaga encwadini ethi Big Bully: An Epidemic of Unkindness, eshicilelwe ngabakwaBookstorm.
Ngokusho kombhali, iNingizimu Afrika inesibalo esiphezulu sezisulu ezihlukunyezwa ngamabhoklolo. UMarion uthi abanye bayasatshiswa yiziqhwaga bese bezingabiki izigameko. Abanye bagcina sebenokhwantalala. Weluleka abazali ngokuthi kumele baqaphelisise uma bebona ushintsho ekuziphatheni kwengane bese beyitholela usizo.
Ngokocwaningo lukaMarion, uthole ukuthi zilinganiselwa ku-3.2 million izingane ezihluswa ngamabhoklolo ezweni; zingu-67% izingane ezesaba ukucela usizo kothisha, izigameko eziwu-90% zenziwa yizingane kwezinye izingane; ziwu-1% izingane ezilaxaza isikole kanti eziwu-16% zihlushwa ngamabhoklolo ezinkundleni zokuxhumana.
UMarion uthi zikhona izikhulu eziyiziqhwaga emisebenzini kanti nasemdenini maningi amabhoklolo. Uthi izenzo zamabhoklolo zifundisa izingane izenzo ezimbi.
BAZOBHEMA bakholwe abathandi bamanoveli abhalwe nguLucinda Riley noHarry Whittaker, uma sebefunda incwadi ethi, Atlas: The story of Pa Salt, eshicilelwe ngabakwamacMillan.
ULucinda oshone ngo-2021, uyahlonishwa ngeqophelo lokuloba uchungechunge lwamanoveli abizwa ngeThe seven sisters. Ushone eseqalile ukubhala inoveli yokugcina ngokusebenzisana nendodana yakhe, uHarry Whittaker. Incwadi isonga uchungechunge olugxile ezigamekweni ezenziwa yizelamani eziyisikhombisa, olwaqalwa ngo-2014.