KUJWAYELEKILE ukuthi umuntu agule ngokomphefumulo, nangokomqondo kuze kube buhlungu emzimbeni kepha angazi ukuthi uphethwe yini.
Kuyenzeka ukuthi uma exilongwa ngodokotela bakhombe lokhu, nalokhuya. Ngesinye isikhathi lokhu kudalwa yisimo esibi esenzeka kudala empilweni yomuntu, esamphatha kabuhlungu futhi samhlukumeza umphefumulo (trauma) njengokushonelwa, wukuba sengozini, wukuphuphunyelwa yisisu, wukubanjwa inkunzi nokunye.
Kuyenzeka ukuthi imithi oyinikezwa ngudokotela noma wumtholampilo ingakusizi. Lokho akusho ukuthi ngeke welapheke kepha kuyenzeka isifo esikuphethe sibadide odokotela, bese kuthatha isikhathi ukuthi usizakale.
Umlobi wencwadi uMalvina Bartmanski, oyiclinical psychologist, uthi uyibhale ngemva kokugula yena uqobo nokwelapha abantu abahlukumezekile emiphefumulweni nasemiqondweni kepha okuba nzima ukuthi balapheke ngokuphelele.
"Ngahlaselwa wukugula ngokomphefumulo ngineminyaka ewu-26, ngaxoveka emoyeni futhi ngafikelwa yimicabango emibi, kwabba buhlungu ikhanda nomzimba, ngaze ngalaliswa esibhedlela.
Kwathiwa nginegciwane elithile kepha abangaliphenyisisa kahle. Ngaze ngasizwa wukusebenzisa i-acupuncture, kanti angazi ukuthi le nto izongihlupha impilo yami yonke," kubhala uMalvina ekhasini 11.
I-Acupuncture, wuhlelo lokwelapha ngokusebenzisa izinalinti ezifakwa emalungweni omzimba ukuze akhululeke bese ededela umfutho wokusiza umuntu ukuthi abe ngcono.
Encwadini kaMalvina ethi, Autoimmune survival guide: support for people suffering from autoimmune and other trauma driven conditions, uthi inhloso yokuloba wukuqwashisa abantu ngezifo ezicindezela umphefumulo nomqondo, kuze kube sengathi umuntu akathathi kahle ekhanda ngenxa yezimo ezimbi ezenzeka empilweni phambilini.
Uma ugula kuthinteka imizwa nokusebenza kwamalungu omzimba ngendlela efanele kepha uma ungelapheki, imizwa nokusebenza komzimba kuphenduka kuhlaselane, yingakho kuthiwa yi-autoimmune system.
Phakathi kwezifo ezingalapheki kalula, umlobi ubala ingcindezi yengqondo, ukhwantalala, ukuhhema, ukuphathwa yikhanda njalo, ukuhluthuka emoyeni kungenzekanga lutho, ukukhohlwa okuhambisana nokudideka komqondo nezinye.
Ngokusho kukaMalvina, umsuka wokugula ungadalwa yizinto ezimbalwa: njengesifo esiwufuzo, amagciwane, imithi yokwelapha engahambisani negazi lomuntu, izingozi nokulimala okungapholi kahle bese kudala ukugula.
Kwesinye isikhathi ukugula kudalwa yimicabango emibi enosizi equbula ingcindezi, ukhwantalala, umzwangedwa, ukuphathwa yikhanda ngesinye isikhathi uze uphalaze, wukuphelelwa wumfutho wokwenza noma yini ngisho ukugeza umzimba nokunye.
Ekhasini 38 umlobi uchaza kanje: "Sisebenza kanzima size sikhohlwe wukuba nothando nokuxhumana nabanye, kwesinye sikhathi sisebenzela ezindaweni ezingahambisana nokuthula kwemiphefumulo yethu.
Lokhu kudala ukuthi imizwa yethu ixineke futhi iphelelwe wumfutho wokusiza amalungu emizimba yethu, bese kuqubula ukugula, okubizwa nge-autoimmunity, " kucacisa uMalvina ngesifo.
Umlobi weluleka ngokuthi zikhona izaba ezingenziwa ukuze umuntu oguayo akwi ukuqhubeka nempilo. Ubalula ukuthi umuntu aqikelele ukuthi udla okunomsoco futhi okunezakha mizimba.
Udalula izinhlelo zokwelpha ezimbalwa ezazisetshenziswa endulo futhi ukholwa wukuthi zingasiza ekutheni umuntu aphile kangcono futhi agweme ukugula njalo.
Luningi ulwazi ongaluthola ngencwadi ngokuthi uxhumane noJanine [email protected]