ISIHLOKO SENCWADI: Stories of Fathers, Stories of the Nation: Fatherhood and Paternal Power in South African Literature
UMBHALI: Grant Andrews
ABASHICILELI: UKZN Press
UMHLAZIYI: Mpume Nzimande
ITHOLAKALA: UKZN Press
KUVAMISILE ukuthi ababhali basebenzise ubaba njengomlingiswa ongumuntu onomthetho nongaphikiswa. Lokhu kudala inkoleloze ethize kwabanye. Kunencwadi eshicilelwe ngabakwa-UKZN Press, ehlaziya izinjongo zababhali uma beloba ngeqhaza lobaba.
Encwadini ethi Stories of Fathers, Stories of the Nation, umlobi uGrant Andrews, ucubulungisisa ukucikoza kwabalobi ngeqhaza labantu besilisa nezinselelo zakhona. Umbhali uhluza izincwadi ezimbalwa ezibhalwe abakuleli.
Phakathi kwezincwadi ezihluzwayo kubalwa eka-Alan Paton, ethi Cry the Beloved Country. Yize ushicilelo lokuqala lwalungo-1948, kepha ingqikithi yendaba isabalulekile nanamhlanje.
Kunenye ebhalwe yingqalabutho yomlobi uNadine Gordimer, ethi Burger's daughter, eyenza wanqoba indondo yeNobel. Lapha uNadine uqhakambisa inhlukano phakathi kwabesilisa abamnyama nabamhlophe.
UKUPHATHA nokuhola abantu kudinga umuntu ozimisele futhi ongabesabi abanye abasebenzi abafundile kunaye ngoba uyazuza kubona.
Umlobi uthi kusemqoka ukuthi abaholi bacacise ngezinhloso, izinhlelo nenzuzo abafuna ukuyithola. UMaanda Tshifularo umbhali wencwadi ethi Lead with Super Clarity: How Successful Leaders achieve Exceptional Results, uxwayisa ngezikhulu ezidwanguzayo kepha zingafuni ukusizwa ngoba zesaba ukuthi kuzovela obala ukuthi kazazi lutho.
Zombili izincwadi zisemqoka ekuhlomiseni ngolwazi. Incwadi kaTshifularo ingasiza abantu abasezikhundleni ekutheni bacacise izinhloso nezinhlelo zokuthuthukisa izinkampani noma abasebenzi ababaholayo.