INCWADI: Rise
UMBHALI: Siya Kolisi
ABASHICILELI: HarperCollins
NGAPHANDLE kokuzikhandla kwezebhola lombhoxo, uSiya Kolisi uhlonishwa emazweni ahlukene ngenxa yokuhola amaBhokobhoko. Yize incwadi ethi Rise, ishicilelwe ngo-2021 kepha namanje isewumthombo wolwazi ebantwini abasha abaphokophelele ekubeni neqhaza elihle kwezemidlalo.
USiya akakufihli ukuthi useke waphambuka endleni ngesikhathi eqala ukungena kwezombhoxo. Udalula nobunzima bokuzilawula ezinkambeni zikaFaro, lapho athi wayephuza aze azikhohlwe ukuthi ungubani.
Ekhasini 105, ulandisa ngezikhathi lapho wayesizwa nguRachel ngoba eseyibhubhudle otshwaleni imali: "Kunezikhathi lapho uRachel wayekhokha uma siphumile, siyodla ndawana thizeni ngoba ngangisuke sengiyishaye ngayivala imali otshwaleni.
"Ngangihola imali enhle kakhulu... ngangiyisidakwa, kodwa ngangingenalo udlame. Ngangike ngiboshwe bese ngiphaphama esitokisini samaphoyisa. Ngangisanganiswa wudumo nemali eningi," kubhala uSiya echaza ngezinselelo abhekana nazo eseqala ukudlalela iqembu elikhokhelayo.
Lwafika usuku lokuthi avume ukuya esontweni wafike wabhabhadiswa, waqala kabusha. Ubonga uRachel ngokumsiza ekutheni akwazi ukuqoqa izingane zikanina uLiyema noLiphelo.
"Ukuzalwa kwengane yethu yokuqala kwaba yisiqalo esisha kepha umndeni wawungakapheleli. Ngaphambi kukaKhisimusi ngaya eZwide, ngiyolanda izingane zikamama uLiyema noLiphelo ukuba zisivakashele eKapa"
"Kepha lwasithatha izinyanga eziwu-18 ukuthi siqede uhlelo olusemthethweni lokuba ngabantu abazobanakekela (gaurdianship)," kuloba uKolisi ekhasini 103.
Uqhuba achaze ukuthi baningi abantu abamsizile empilweni yakhe ekubeni bengamazi, ukuthi aphumelele. UKolisi wathintana nesikole ayefunda kusona efuna ukwazi ukuthi ngubani owamkhokhela. Wathola ukuthi nguVincent Mai, osehlala eNew York, owamkhokhela umfundaze wokuthi afunde eGrey, kanti wazalelwa e-Eastern Cape.
"Ngambhalela incwadi ngibonga konke angenzele khona kanye nabanye abafana abangu-65 ukuthi sithole imfundo engcono,“ kuloba uSiya ekhasini 120.
Bagcina bebonana ngo-2019, ngemva kweNdebe yoMhlaba eNew York.