ISIHLOKO SENCWADI: Standing up for science: a voice of reason
UMBHALI: Salim S Abdool Karim
ABASHICILELI: MacMilllan
UMHLAZIYI: Mpume Nzimande
ITHOLAKALA: Exclusive Books, nezinye izitolo
UQEQEBULA okwenzeka ngesikhathi kubheduka igciwane, icorona. Wazi ukusuka nokuhlala kokugasela kokhuvethe emhlabeni, naseNingizimu Afrika, uSolwazi Salim Abdool Karim, ngakho kumfanele ukubhala incwadi ethi, Standing up for science: a voice of reason.
Uthi waqala ukuzwa ngegciwane elingalapheki ngoDisemba 30, 2019, eseholidini nomndeni wakhe.
"Ngathola isaziso seProMED ngesikhathi siqwala intaba eDrakensberg, sithi kunesinye isifo seSARS (Severe Acute Respiratory Syndrome- eyaqala ukutholakala ngo-2002 eChina). Yilokho engangizitshela kona, kanti angazi ukuthi yisifo esisha esehlukile nje," kuchaza uKarim ekhasini 3.
Udalula izinselelo zokuthola ulwazi lwesayensi ngokhuvethe, indlela abezindaba bakwamanye amazwe ababelungabaza ngayo ulwazi lososayensi baseNingizimu Afrika, ukushintshashintsha kwegciwane nokushayisana kwemibono; nokugxambukela kwabezepolitiki.
Ekhasini 267, usolwazi ubhala kanje: "Ngabe usosayensi waseNingizimu Afrika uqagule ngendlela efanele ngokugasela kwegciwane ngolwesigaba sesine?" kusho isihloko seNewsweek, iphephandaba lase-USA.
UKarima ukuneka obala ukugcwaneka kwabezindaba nokubukelwa phansi kososayensi bakuleli. Uthi kwenzeka ngesikhathi ephendula intatheli yeBloomberg, eyayifuna ukwazi ukuthi lingase lihlasele nini igciwane okwesigaba sesine.
Waphendula ngokuthi kungenzeka kube wuDisemba 2, 2021. Uthi kwathi uma sekwenzeka, kwaqubuka izinsolo zokuthi mhlawumbe uKarim unesandla ekuqubukeni kwe-corona. Amanga uqobo lwawo!
Ngimethulela isigqoko usolwazi ngokuqoqa ulwazi abhale incwadi enjengenqolobane yomlando wokhuvethe ezweni.
INOVELI ilandisa ngempilo yentokazi ebhekana nobunzima bokhula emndenini wamakholwa, nokudlwengulwa isencane ngenxa yokuthandana nabantu bobulili obufana nobayo. USthandiwe Langa, ubhale inoveli ethi Unlabelled, eqwashisa ngempilo yabantu abathandana nabanye bobulili obufanayo.
Incwadi igxile kowesifazane ofuna ukuzazi ukuthi ungubani, nokwamukelwa emdenini nasemphakathini. Kepha uyaphoqeleka ukuthi azenzise, aqome abesilisa ukuze azivikele ekubeni azi kahle ukuthi uthanda abesifazane. Le ncwadi eshicilelwe yiReach Publishers, ifanele abantu abadala ngenxa yolimi oluqosheme lwezocansi.
NGEKE sigubhe uSuku lwabeSifazane ngaphandle kokudla okwehla esiphundu nezibiliboco. Kunganjani ukuthi uzithengele incwadi kaMogau Seshoene, ethi Hosting with The Lazy Makoti, uzifundise ukupheka ekhaya. Ubophele uhlobo lokudla okuhlukene, okubalwa nokwamanye amazwe ase-Afrika.
Phakathi kwamaresiphi ongazenzela wona kukhona angadingi izinto eziningi njengamabhisikidi asebenzisa izithako ezintathu kuphela.
Ipeanut butter, iqanga noshukela.
Ziningi ezinye izincwadi ongazithola kwabase-Exclusive Books https://www.exclusivebooks.co.za