NGIYASHWELEZA ngokungabikezeli ukuthi isiphingwe ngenkulu ukuba ngihlezi ngicwesheza kwezisematheni lapha ngokuqephuza ngokudedelana nengosi ethi Sidingida umthetho.
Inkimbinkimbi engivula ngayo inkundla ngeyezitodlwana ezidume ngelamaspaza muva nje ezimataniswa nezinto ezimbi ezweni.
Izipaza zichume ngemuva kokuba kungene uhulumeni wentando yabantu ngo-1994. Bezaziwa ngokuba wusizo kakhulu emiphakathini yasemalokishini nasezindaweni ezisemakhaya. Bezenza impilo ibe lula kubantu abasindwa wukufinyelela emadolobheni okanye enxanxatheleni yezitolo.
Ukuphumelela kwazo kubangelwe wukuthi izwe beluphuma esikhathini esinzima sodlame olwalubhebhezelwa ngezombusazwe. Kwakujuqana abampisholo emalokishini nasemakhaya. Ngesikhathi sodlame kwashiswa izitolo ezase zineminyaka kuthenjelwe ukuzo ukuphakela imiphakathi ngezidingo. Ngesikhathi sezimpi izitolo zazitatshwa bese ziyashiswa. Ziyingcosana ezasala emiphakathini ngenxa yokuthi abanye abanikazi bezo behluleka wukuvusa.
Empeleni izipaza ziphembeke ngo-1991, ngesikhathi kutheleka ngobuningi eNingizimu Afrika ababhemu baseSomalia. Ngalowo nyaka kwakunezimpi eSomalia, abalisa bakhona bafudukela eNingizimu Afrika ngenxa yokuthi kwase kucacile ukuthi kuyaphela ngobandlululo kuleli.
AbaseSomalia bafike bazenzela amathuba emisebenzi ngokuvula izitodlwana. Baphumelela kulokhu njengoba babesebenzisa uhlelo lokuba yimbumba bethenga ezitolo ezinkulu ngokuhlanganyela okwakubenza bathole izephulelo ezinkulu bese bethola inzuzo ngokudayisa izitodlwana zabo.
Kushaye u-2015 sekunabaseSomalia abangaphezu kuka-70 000 abahlala eNingizimu Afrika beqhuba amabhzinisi ezitodlwana namanye amancane. Kusuka eminyakeni engu-10 eyedlule nezinye iziwe njengabomdabu basePakistan, bese zitholakala ngobuningi ezingxenyeni eziningi zezwe. Bonke baphendule ibhizinisi kwangelabo futhi belengamela kangcono. Baqashe izitolo nezitodlwana ezindaweni ezahlukene.
Kugcine sekuba nenhlese yokucindezelwa kwabengabadi ngoba bebeqashwa ezitodlwana becosha ubala. Bebesetshenziswa amahora angu-15 kuya phezulu ngosuku. Abanye bedonsa izinsuku eziyisikhombisa ngesonto, bengaphumuli.
Phezu kwalokho bebehola into engatheni ephambene nemithetho yezabasebenzi ezweni. Izipaza bezilokhu zibambe udumo ngamanani aphansi. Okunye okuphambene nomthetho wezwe wukuthi abezitodlwana abayifaki imali emabhange kepha kuthiwa bayigcina komatilasi ezitolo. Kuthiwa bagcina sebeyifaka emabhange axhumene namanye amazwe okanye bayithumele emazweni abo ngaphandle kokukhokha intela eNingizimu Afrika.
Muva nje, izipaza azisadumile ngamanani aphansi kepha zisematheni ngokudayisa izinto okuthiwa ziyingozi empilweni yabantu. Lokhu sekudale ukubukwa kabi kwabanikazi bazo.
EGauteng kubikwe ngezigameko eziningi zokufa kwezingane zesikoleni kusolwa ukuthi zijuqwa woncamnce ezibathenge ezipaza. Ezifundazweni iKwaZulu-Natal nase-Eastern Cape sekube nemibiko yezingane ebezizibhonqa, zisho ukuya kwagoqanyazo okuzisuka emva kokudla izinto ezimnandi ezizithenge ezipaza.
Kuthiwa eminye yemikhiqizo ethengiswa ezipaza kayibona ongqo. Ngisho imikhiqizo edumile ebeyethenjwa itholakala ingombombayi kwezinye izindawo. Sekumele abathengi baqaphele. Ngisho iDiago eyengamele imikhiqizo yotshwala isanda kumemezela ukuthi ilahlekelwa yimali engaphezu kukaR10 million ngotshwala obumhlophe obenziwa “umzambiya”. Kuthiwa abezipaza abadabuka kwamanye amazwe banamafemu abo okukhiqiza izinto ezingekho emthethweni.
Inkinga enkulu ezweni wukuthi uma ukhomba ukungcola kwabamanye amazwe uyakluluzwa kuthiwe ugqugquzela inzondo. Awunikwa nhlobo ithuba noma ngabe kunobufakazi bobugebengu. Lokhu kuyiphutha. Uma umuntu ephawula ngokuphulwa komthetho kumele alalelwa bese ababhekelele ukugcinwa komthetho beyasukuma baqiniseke ukusebenza kwawo ngendlela. Abubekwe eceleni ubuzwe kuliwe nokuphulwa komthetho.
Kunemithetho kusuka komasipala kuya kuhulumeni kazwelonke elawula ukuphatha nokusebenza kwezipaza kepha engalandelwa. Makuphele lokhu, kulandelwe umthetho njengoba unjalo ngaphandle kokwenzelela.
Sekwanele ngemiphefumulo esiphumile, akusamele kuphume eminye. Izinhlaka zikahulumeni maziqikelele ukuthi bonke abantu basezweni ngokomthetho, bonke abaphethe izipaza balandela yonke imithetho yezwe, kungakhathaleki ukuthi badabuka kuphi. Makuphele ukucanasa kwezephulamthetho.