INCWADI: SHAKA: inkosi yamakhosi
UMBHALI: Manzini Zungu
ABASHICILELI:UJ Press ngaphansi kweHoopoe Press imprint
UMLOBI ucathulisa izingane ngomlando weLembe eleqa amanye ngokukhalipha. UManzini Zungu akalona ivukane kwezobuciko, ezamabhizinisi nentuthuko yabamnyama.
Unenkampani ekhiqiza amafilimu iPacina Films, okuyiyona eyaqopha ifilimu ebikhonjiswa kwiNetflix, ethi Shaka - inkosi yamakhosi kanti yahlonishwa ngendondo phesheya kwezilwandle.
UZungu uqhakambisa ubuhlakani nokuzimisela kweLembe ekutheni liphumelele ezinkambisweni zalo ngisho libhekene nezinselelo zokukhishwa inyumbazane emndenini walo. Yize uShaka engazalwanga ngabazali abashadene kepha akazange avumele ezinye izinsizwa ukuthi zimgcogcome ekhanda. Wazibamba zaqina futhi walwela isithunzi sakhe nesikanina uNdlunkulu Nandi, intombi yakwaMhlongo.
UManzini ubhala ngendlela efundisayo futhi egqugquzela ukuzigqaja komuntu ngamunye ngisho engazalelwanga emndenini ofudumele, lapho abazali behlala ngokuthula nenjabulo.
Okuphawulekayo ngencwadi wukuthi uGwabini uhlonipha iqhaza likaGogo uMaLamula owamkhulisa, wamcija kwezomlando nakwezamasiko esintu.
Okuhle wukuthi incwadi itholakala nezilimi ezehlukene zomdabu wesintu okubalwa isiZulu, isiXhosa nezinye.
NINGAPHUTHELWA umcimbi wokwethulwa kwencwadi ngoJulayi 4, ngo-6 ebusuku e-Exclusive Books, eRosebank.