INCWADI: All hope is found
UMBHALI: Sarah Jakes Roberts,
ABASHICILELI: W Publishing
UMHLAZIYI: Mpume Nzimande
KUNEZIMO zempilo ezidinga ukuthi uzifune mzalwane. Uzibheke ukuthi usahamba ngokwenkambiso nezimiso zenkolo yakho noma cha.
Umbhali uSarah Jakes Roberts, uchaza kabanzi ngezinjongo ezenziwa ngumuntu ngamunye njalo uma kuqala unyaka. Umlobi weluleka ngezinqumo esizenzayo singabantu, njengokuhlela ukunciphisa imizimba, ukubeka imali yokufundisa izingane, ukuvakashela kwamanye amazwe, ukuhlela ukulobola kepha kugcine kungenzekanga.
Usicebisa ngokuthi izinjongo zethu kumele zesekelwe yithemba. Akukhathalekile ukuthi uthembela kubani noma kuNkulunkulu.
Ulandisa ngendlela abaphoxa ngayo abazali bakhe ngesikhathi ethola ingane eneminyaka ewu-14. Ukhumbula ihlazo alethwesa abazali bakhe ekubeni uyise kunguMfundisi ohlonishwayo uTD Jakes.
Uthi kwakunzima ukubhekana neqiniso lokuthi usezoba ngumama wengane yomfana ekubeni wayesemncane futhi ekhuliswa ngaphansi kwesisekelo senkolo yobuKrestu.
“Kukodwa engangizimisele ukukwenza wukuthi ngiqinisekise ukuthi angililahli ijoka lami lokwakha ikusasa eliphephile nelinozinzo lengane yami. Ngangingafuni ukuthikanyezwa yijoka lokuba ngumama ngisemncane,” kubhala umlobi obuye aba ngumfundisi njengoyise, ekhasini 21.
Yilapho aqinisekisa khona ukuthi ithemba lokuthi ngelinye ilanga kuyoba ngcono lamsiza yize kwakungelula ukushintsha isimo nokuqhubekela phambi. USarah uthi akazange akhohlwe ukuthi isikhathi semiphumela emihle silawulwa ngNkulunkulu.
Weluleka ngokuba nethemba ngisho ungakutholi ukwesekwa noma kungenzeka ukuthi umphumela ngeke ukujabulise kepha okusemqoka wukuthi ungalilahli ithemba
Umlobi wenza isibonelo ngowesifazane owayenethemba lokuthi uma engase athinte nje ingubo kaJesu, uyosindiswa yize abantu babemhleka usulu futhi becabanga ukuthi ugula ngengqondo.
USarah ubhala kanje ekhasini 30:"UJesu wabuza ukuthi ngubani ongithintile kepha izinceku zakhe zathi kazazi. Wavela owesifazane owayethinte umphetho wengubo kaJesu, waneka izinkinga phambi kwakhe ngethemba lokuthi uzosindiswa. UJesu waphendula wathi" Ndodakazi, ukukholwa kwakho kukusindisile," Luke 8: v 45-48.
Njengoba sibheke emaholidini futhi sizobe sijabulela ukungena onyakeni omusha, uma kuwukuthi sizongena, kungakuhle senze izinqumo eziphusile ezesekwa yithemba.
Abaziyo bathi sithemba noma kungathembisi ngoba uthembekile esimethembayo.
Zitholele ezinye izincwadi kwa-Exclusive Books https://www.exclusivebooks.co.za/