ISIDIDIDI esenzeka kuMasipala weTheku sikhombisa ukungahleli kahle izinto kobuholi be-ANC KwaZulu-Natal.
Bekufanele kube nomhlangano wesigungu samakhansela kamasipala lapho bekuhlelwe khona ukuqokwa kukaMnuz Mxolisi Kaunda kwesokuba yiMeya yeTheku.
Isimo esikhona sikhomba ukuthi uNkk Zandile Gumede namakhansela axoshwe nawo bakhonjwe indlela kungahleliwe.
Okokuqala, ukuhudula izinyawo kukaNkk Gumede ekwesuleni kwesobumeya kukhomba ukuthi akagculisekile ngendlela okuphathwe ngayo udaba lwakhe. Lokhu kufakazelwe wukuthi uNkk Gumede ahoxise ukwesula kwakhe.
Kuvela nokuthi ubuholi besifundazwe bekuyima busancenga amakhansela phakathi nesonto eledlule ukuba adede ezikhundleni kwazise abantu abajutshwa kumasipala, uKaunda, Nkk Weziwe Thusi noNkk Belinda Scott kabawona amakhansela.
Le nto eyenzekayo inobungozi bokuqhubezela uqhekeko kwi-ANC okungenzeka kube nomthelela ongemuhle ekuhanjisweni kwezidingo kubantu.
Okunye okuvelayo wukuthi izimeya zomasipala abakhulu njengeTheku ziqokwa ekomkhulu le-ANC, eLuthuli House. Lokhu yinto eyaqalwa nguMnuz Thabo Mbeki. Kwakuthiwa isifunda sedolobha siphakamisa amagama amathathu bese kuba yisigungu sikamengameli esiqoka elilodwa.
Ngakho indlela okwenziwe ngayo kumenyezelwa uKaunda ixakile ngoba kuthiwa isifundazwe kasixhumananga neLuthuli House ngesinqumo esithathiwe. Lokhu kusavula intuba yokuba kukhonjwane ngenjumbane okungaba nomthelela wokungahambi kahle kwezinto kumasipala.
Umphakathi sewuhlukumezeke kakhulu eThekwini ngenxa yezinxushunxushu zezinkontileka zokuqoqwa kwemfucuza. Kuyajabulisa ukuzwa i-ANC ithi ishintsha ubuholi ngoba ilungisa izinkinga. Kodwa-ke kuyakhathaza ukuthi sekubhuntshe imihlangano emibili yesigungu sikamasipala ngenxa yokuxoshwa kobuholi lungekho uhlelo lokuvalwa kwezikhala.
Kungakuhle i-ANC ilungise ngokushesha izinkinga kungaxakeki abahlali baseThekwini ngenxa yezinqumo zayo. Ngaphezu kwalokhu, le nto eyenzekayo inganomthelela omubi nasemnothweni wedolobha.
- Umbono weSolezwe