UMBHALI: Buxton Gray
ABASHICILELI: Aspire Club
INOVELI ixoxa ngezithandani ezikuthola kunzima ukuthi zibe ndawonye ngenxa yempi equbukile ezweni. Umbhali wencwadi ethi Fury's War, uBuxton Gray, usebenzisa ulwazi analo ngomlando wezimpi ukuze acikoze.
Yize ezinye izigameko zenzeka ngempela ngesikhathi kunempi yesibili phakathi kwamaNgisi namaBhunu ngo-1899, belwela umhlaba nomgcele waseNingizimu Afrika. Empeleni umsuka wayo kwaba wukutholakala kwegolide eGoli, (ngaleso sikhathi kwakuthiwa yiTransvaal) njengoba nanamhlanje besazitamuzela ezimayini zakuleli. Kepha angikho lapho.
Kuthi uma sezitholene phezulu izinhlangothi zombili kucace ukuthi kumele abantu bathobele imithetho.
Ingqikithi igxile kuRose owayeyiNgisi, noJan owayeyisosha leBhunu.
Yize babekhuliswe ngaphansi kwesimo senzondo nokucwasana ngenxa yokungezwani kwamaNgisi namaBhunu, bobabili bazithola sebethandana ngesikhathi kuqubuka impi.
Bahlangabezana nembibizane uma beqhubeka nokuthandana ngoba kwakumele bayishaye indiva imithetho ebavimbelayo ukuthi bathandane.
Asikho isimanga esitheni encwadini ngoba indikimba isijwalekile kepha abathanda umlando nothando bazochazeka.