INCWADI: Funny story
UMBHALI: Emily Henry
ABASHICILELI: Viking, ingxenye yePenguin Random House
KUBHIMBA izinhlelo phakathi kwezithandani esezithembisene umshado. Phela uDaphne uzishaya isifuba ngoPeter futhi akaboni kukhona into engabahlukanisa ngoba sebethembisene umshado. Usemagange ngokuthi bashade kangangokuthi useqalalile nokubheka izinto azithandayo zomshado.
UDaphne ukholwa wukuthi akukho okungabahlukanisa noPeter futhi bathuthile bazohlala ndawonye eWaning Bay, bashiya imindeni nabangani ngemuva. kanti akabuzanga elangeni! Thushu, uPetra, owayengumngani kaPeter ngesikhathi besafunda esikoleni. Adideke ingqondo uPeter! Alaxaze isethembiso somshado asenzile kuDaphne, akhumbule izikhathi zakudala ayezichitha noPetra.
Usala ephemile futhi ekhungathekile uDaphne ezama ukuyihluza kahle engqondweni indaba yokwaliwa nguPeter. Kuthi uma esebona izithombe zikaPeter noPetra, athole ukuthi kwasekuqaleni ngesikhathi besafunda amabanga aphansi, abazali babo babefuna ukuthi bathandane. Kusobala ukuthi uDaphne ngeke akwazi ukukhipha uPetra othandwa ngunina kaPeter.
Ngenhlanhla kaDaphne uhlangana nensizwa thizeni enguMiles, kanti nguyena owalaxazwa nguPetra. Angiwazi lo mdlalo wamagendi obhalwe ngu-Emily Henry.
Baphelelwa ngamazwi oDaphne noMiles uma bethola isimemo somshado kaPeter noPetra! " Ngeke!" kusho uDaphne ejikijela incwadi yesimemo somshado. "Akulona iqiniso leli!"
Ahlale kahle uMiles, "Hhayi, iyiniso impela. Kanti nawe usitholile? kubuza uMiles. "Kungani ngempela besimema? kusho uDaphne ngokukhulu ukunengeka, ekhasini 25
Inoveli igcwele umjolo nje ohambisana namancoko. Angazi ukuthi ukushubhesha kwani lokhu? Bashintshisana ngezithandani ngoba kwenzenjani?