MHLELI: Ngivumele ngisike elijikayo endabeni yobukhosi bamaQadi obuholwa yinkosi uMqoqi Ngcobo, obusuka eMzinyathi, Nanda, Ndwedwe nengxenye yaKwaMaphumulo.
Mangiqale ngicacise ukuthi angisiyena owakwaNgcobo futhi angisona isihlobo sakhona. Kodwa ngiyiQadi ngokuzalwa futhi umlando wesizwe samaQadi ngiyawazi njengoba ngingumsinsi wokuzimilela khona.
Empeleni inkosi nayo iyazazi ukuthi ubukhosi bamaQadi ngobendlu kaMagcekeni, emzini waseNgonyameni eNdwedwe. Kungani kunjalo? Kwathi lapho inkosi uMqhawe yenze icala futhi kwakufanele iboshwe, uMagcekeni wathi ngeke avume inkosi iboshwe, ngoba lokho kwakuzokwehlisa isithunzi sobukhosi okuyibona obukhulu futhi obunesithunzi eNdwedwe. Ngakho wanquma ukuba kube nguye othatha isigwebo senkosi uMqhawe.
Inkosi yasijabulela kakhulu isenzo somfowabo futhi yabe isiyenza isifungo sokuthi uma ebuya ejele uMagcekeni, kuyoba nguye othatha ubukhosi ngoba uvikele isithunzi sabo. Kodwa kwathi nje lapho sekufanele aphume ejele uMagcekeni, kwavele kwenzeka okushaqisayo, wadliswa ushevu khona ejele washona. UMqhawe akabange esathembeka, anikeze indodana kaMagcekeni, uVumbu, ilungelo lobukhosi njengoba ayeshilo.
Indlu yaseNgonyameni, yindlu kaMagcekeni, ivulekile ibanzi. Sekwaze kwalimala nezinye izinhloko zemizi engaphansi kwakhe uMagcekeni, nazo ezafela igama lomndeni. Nakuba kwakuwudlame kodwa izinto ezaholela ekubulaweni kwabo kwaba yikho ukuthi ababulali babefuna ukuqeda ngobukhosi nobuholi bomdabu.
UVumbu naye waze walala kobandayo ingalungiswanga leyo nto. Nendlu enkulu yaseNgonyameni sebephelile abantu, indlu kaMaMzandela. Kusele insizwa eyodwa vo, okuyiyo eqondene nobukhosi. Kodwa ake sithi nayo beyingekho, basebaningi endlini elandelayo. Induna eseyalala uMthibolile yashiya isizwe, okuyiso esingathatha okuyifanele. Ziningi izindlu eziyinzalo kaMagcekeni.
Ngakho-ke inkosi ebusayo bekufanele ilungise lokhu okonakele. Mhlawumbe nezinkinga zayo zingancipha.
Kumanje inkosi ebusayo kayinayo indodana. Seyehluleke noma izama ukwandisa omama, akulungi. Angisiyena umuntu ophila ngezinkolelo, kodwa ngesinye isikhathi ezinye izinto zonakala ngoba kufuneka kwenziwe ubulungisa. Le nto kungasiza ukuyilungisa isakhulumeka ngoba ezinye izinto zize zichithe ukuthula komndeni. Ebukhosini baseNsingweni, bakwaShangase, endlini yenkosi uSimangenduku, kuchitheke igazi ngakho belu ukubanga ubukhosi. Mayilungiswe isephansi le ndaba ngoba bayayikhuluma abaseNgonyameni kodwa okwamanje basayixoxa ngendlela ekahle.
Okhathazekile
ENDWEDWE