Incwadi: Surrounded by vampires: or how to slay the time, energy and soul suckers in your life
Umbhali: Thomas Erikson
Abashicileli: Penguin Random House UK
UYABAZI abantu abahlale befuna okuthile kuwena kepha abangakwenzeli lutho wena. Abantu abakukhumbulayo uma befuna usizo kuwena. Ngisho abazenza izimbungulu empilweni yakho! Umlobi uThomas Erikson, ungungoti kwezokweluleka nokwelapha abantu ngokuziphatha (behavioural expert), uchaza kabanzi ngalolu hlobo lwabantu, alubiza ngama-vampire.
Phakathi kokunye uxwayisa umuntu ngamunye ngezenzo ezingadala ukuthi abanye abantu baxoveke umoya, ekubeni yena engaziboni ukuthi useyisicefe!
Ngokusho kukaThomas, kunabantu onqenayo ukuxoxa nabo ngenxa yokuthi bayavilapha ukucabanga, bafuna ukuthi ubachazele izinto kabili noma kathathu. Bagcine bengakuzwa ukuthi uthini. Hhayi ngoba begula kodwa ngenxa yokuthi bayanqena ukuzicabangela. Kukhona uhlelo olubizwa nge-four colour behaviour code, olusiza ekutheni uhluze kangcono ngokuziphatha komuntu.
Umbhali uthi kungenzeka ukuthi usondelene nabantu abazenza amakati wona ahlale ekhala, noma abayizindlulamithi ezibukela abanye phansi, noma amaqhalaqhala azi yonke into, nalabo abangokhangezile abafuna ukwenzelwa njalo.
Encwadini kuboshelwe amasu azokuhlomisa ukuze ukwazi ukuzivikela ebantwini abancela igazi lakho! Umlobi weluleka ngokuthi kumele ubagweme abantu abakuchithela isikhathi bakuqede nomdlandla.
Ziningi izincwadi ezitholakala e-Exclusive Books https://www.exclusivebooks.co.za