EMINYAKENI engu-29 eyedlule uDkt Nelson Mandela wahlaba ikhwelo lokuthi abantu baseNingizimu Afrika abahlangane balwe nobugebengu.
Kodwa kuze kube manje, kubi sihleli ngesinqe esisodwa, ubugebengu budla lubi.
Ukudlanga kobugebengu kushayisa ngovalo kulahlisa nethemba ngekusasa lezwe lenkaba ngoba seliphenduke iSodoma neGomora.
Muva nje e-Orlando East, eSoweto umndeni ungenelwe endlini kwabulawa amalungu awo amabili maqede kwashiswa nomuzi.
Lokhu kuwubufakazi bokuthi luselude ukhalo ukuze kutholakale ikhambi elizoqeda ubugebengu.
Izigebengu ziyachachaza nezibhamu ezingekho emthethweni. Zibamba inkunzi izimoto zemali emini kabha, kuthule umoya sengathi akukho maphoyisa. Zishaya zichithe nobucwebe enxanxatheleni yezitolo iPavilion, eThekwini.
Ayiphathwake eyokugqekezwa kwezikole kushaqwe izinsiza zokufunda, kuphinde kudunwe nezimoto.
Zintshontsha amakhebuli ezitimela, amapayipi ekhopha ahambisa amanzi emizini yabantu nasezibhedlela kodwa zingabanjwa. Kugcine kuthiwe kuyaphenywa.
Ngenxa yesimo esingabingcono sekukhona abalimisa ngesihloko elokuthi uma singaphaphami i-ANC isisa ehlathini elimnyama.
Kusemahlombe ethu singumphakathi ukuthi senze umfelandawonye wokulwa nobugebengu. Akungabikhona abantu abafihla noma abafuya izigebengu. Siyohlala sikhala uma thina singenalo iqiniso. Izigebengu kufanele zazi ukuthi ziphelelwe amahlathi okucasha. Umphakathi awusebenzisane namaphoyisa ukulwa ubugebengu. Abantu abenza ubugebengu abaqhumi etsheni banemindeni, kodwa ebasabisa okwenyoka. Kufanele sizethule thina umthwalo. Akekho oyesethula, uma thina sithalalalisa siyohlala sikhala.
Sesifikile isikhathi sokuthi amaphoyisa abophe izifociya ayaluze ubusuku bonke nkalo zonke zezwe emadolobheni nasemakhaya.
Osekubhekiwe manje wukuthi sizobakhona yini isisombululo emva kokhetho lukazwelonke ngonyaka ozayo.