MHLELI: Ngiyakhuleka kinina beSilo, kinina sizwe esikhulu samabhinca. Umuntu akathathe ithuba lokubongisa umculi kamaskandi osematheni kula malanga uMthandeni iGcokama Elisha Manqele ngenoni lengoma yakhe elisematheni ezinkundleni zokuxhumana iParis.
Ingoma uyenze noLwa Ndlunkulu. Isibukwe izikhawu eziyisigidi (million) enkundleni yokuxhumana i-YouTube. Lokhu kwenzeke inezinsuku eziwu-12 iphumile okubonisa ukukhula kumculo kamaskandi. Nezinga ulenyuse kakhulu uMthandeni, wawuthatha lo mculo wawubeka ebalazweni lomhlaba.
Kuyomele namanye amaciko asafika endimeni kanjalo nalawo ekade afika kodwa angazethembi afunde kuMthandeni. Ukuzazi nje amandla akho njengomculi, ungahambi uncetheza kodwa uzethembe nje wena njengeciko.
Sithi kuwe Gcokama Elisha, halala! Limhlophe libomvu izwe. Umhlaba wonke usuvumile ukuthi inkosi kamaskandi iseMdletsheni, eMkhanyakude.
Sizwe Ndlovu
KWASJULA