KUYASIZA ukufunda incwadi ngoba uthola ithuba lokuchitheka ngokomqondo futhi ugweme ukucabanga izinto eziningi ngesikhathi esisodwa. Abe-Exclusive Books bayakuqondisisa ukubaluleka kwezincwadi, yingakho bexuba izinhlobo ezehlukene ukuze banekekele izimfuno zabafundi.
Phakathi kwezincwadi ezikuthatha ngokomqondo zikujikelezise nomhlaba kukhona ethi One hundred Saturdays ebhalwe nguMichael Frank. Igxile kowesifazane onguStella Levi, ongathandi ukubhoboka ngempilo yakhe yangasese kepha kuyashintsha lokho ngoMgqibelo othize, uma ehlangana noMichael Frank. Umvulela isifuba ngempilo yakhe esakhula ngaphansi kwezimiso zenkolo yamaJuda. Udalula okuningi ngempilo engajwayelekile futhi nokukhula endaweni engajwayelekile.
INGQALABUTHO yowesifazane kwezokubhala nokushicilelwa kwezincwadi ibuyela ekhaya eNingizimu Afrika, ngemva kokudingiswa. UNoni Jabavu, ungowesifazane omnyama wokuqala ukushicilela izincwadi ezimayelana nempilo yakhe. Ukubuyela kwakhe eNingizimu Afrika ngo-1977, kumphoqa ukuthi abhale ngempilo kayise enezigigaba eziningi. UNoni uthanda ukuvakasha futhi yilapho ethola ulwazi oluningi nezinselelo abhekana nazo ngenxa yobandlulo lweNingizimu Afrika. Encwandini yakhe ethi A stranger at home, uNoni uzikhininda zonke.
KUTHOLAKALA isudikheyisi eligcwele imibhalo yakudala yeminyaka ewu-100 ngakujantshi wezitimela eSterfontein. Ngaphakathi kunencwadi yombhali, u-Elizabeth Tenant nokuthile okufana nezinsalela zesidumbu sengane. Kusuka isitshudeni sasenyuvesi uMicheal sivakashele ehhotela eliseKaroo, lapho u-Elizabeth abhala khona inoveli yakhe iMirage.
ENCWADINI iThe Golden Mole and other living treasure, ebhalwe nguKatherine Rundell, kuqhakanjiswa izilwane eziwu-22 ezishabalalayo. Umbhali ugqugquzela ukuthi zinakekelwe izilwane ezisekhona futhi zigcinwe kahle.
EYABANTU abasha ithi The Day of Fallen Night, ibhalwe nguSamantha Shannon. Njengenoveli efanele intsha yincwadi egcwele imigiligwane, imilingo ethakaselwa ngontabakayikhonjwa.
Ngezinye zezincwadi ezitholakala e-Exclusive Books, futhi kuningi ongakuthola kwi-www.exclusivebooks.co.za