UMBHALI: Chimamanda Ngozi Adichie
ABASHICILELI: 4th Estate
KUVAMISILE ukuthi kube yiphupho labaningi ukuthi bazophumelela uma beya e-USA. Amazwe ase-Afrika ngisho angazigqaja kangakanani kepha kunenkolelo yokuthi konke okuyimpumelelo, udumo, nengcebo kutholakala eMelika.
Encwadini kaChimamanda Ngozi Adichie ethi Americanah, kucikozwa ngezithandani ezimbili zaseNigeria, eziphothula ukufunda bese zifudukela e-USA, naseLondon, eNgilandi, ngenhloso yokwenza ushintsho empilweni yazo. Zihlala emazweni amabili ngokwehlukana futhi zizama ukuphila ngaphansi kosikompilo lwamazwe amasha.
Yize isinesikhathi yashicilelwa incwadi ethi Americanah kepha ingqikithi isazwakala nanamuhlanje ikakhulu ngoba kuvunguza umoya wothando. Kukhona abazama ukuqoma nokweshela nakho konke okuthinta ezobudlelwano bothando.
Uma ungashelwanga noma ungaqomanga ngale nyanga, khululeka, ayikho into embi oyenzile. Akukho okushodayo kuwena. Linda siyeza esakho isikhathi. Zithande wena!
UChimamanda ucikoza ngentokazi engu-Ifelemu ofunda kanzima ukuthi eMelika, akuyona indawo yokudlala ngakho kumele ashintshe futhi azifundise isikompilo lakhona. Konke lokhu kuveza ngokusobala kuyena ukuthi uphaphile, ufuna izinto ezingaphezu kwamandla akhe futhi okumele azinikele ukuthi azuze okuthile. Kusinda kwehlela kobe yisoka lakhe u-Obinze, ozama impilo engcono eLondon, yize impilo yakhe isengcupheni kepha uzama ukuziphilisa.
Bobabili babuyela emakhaya eNigeria, ngemuva kweminyaka ewu-15, bazame ukuqhubeka nothando lwabo kepha kuyabhimba.
Iyatholakala ezitolo zakwa-Exclusive Books: https://exclusivebooks.co.za/