BENGILALELE umsakazo womphakathi uMgungundlovu FM, kukhuluma omunye wabasakaza ntambama, uFika Mbatha, okhulume cishe imizizu ewu-30. Ubehlaba ehlikiza abansundu, ebeka iqiniso ngomuntu omnyama nezinto azenzayo ukucekela omunye phansi.
Ngiyazi baningi abazithole becikeka yinkulumo yakhe kodwa okusalayo akukho akushilo okungesona isifo somuntu omnyama. Lihle iqiniso, namhlanje sibona kubuya isisho esithi “Isitha somuntu omnyama nguye uqobo lwakhe”.
Ngiyaye ngizibuze ukuthi ezizweni zizonke, kwesaphiwa khona ukuthi nathi sigqame ngakho emhlabeni ngakube umona? Ukucekelana phansi? Ukukhulumana kabi? Kumbe inzondo ejulile ongazi iqhamukaphi?
Kumbalwa kabi ukuthola abantu abamnyama behlangene bakhulume kahle ngemisebenzi yomunye umuntu. Konke lapho udlula khona kuyagxekwa, abakhulumayo bazibone bengcono kakhulu.
Asikwamukele ukuthi kuningi okusilahlekele, sakhohliseka saya mawala ezintweni eziningi. Umlungu omhlophe uthe uma efika kithina wangasephuca ubuthina nokuziqhenya kodwa wakwazi ukusebenzisa imfundo nenkolo njengethuluzi lokuthi sizonde kakhulu omunye wakini.
Ngisho emsebenzini, abasezikhundleni bahlukumeza ababaphethe, uthisha esikoleni enze enganeni izinto ezicekela phansi ikusasa layo.
UFika Mbatha ukhulume waze wangena ezintweni ezifana nokuthi kukhona konke; siyakholwa, sihambe siyohlola, kukhona lokho sisebenzise inkohliso yokuyenga. Umuntu namhlanje uhamba aye kosonta kodwa khona lapho esontweni uthole ukuthi kuphulwa umthetho wesishiyagalolunye kaNkulunkulu. Uthole ukuthi kuze kuvuze amathe, abantu bekhihliza ngomunye abasenkonzweni naye.
Izinkonzo sezifana nehlathi lembuya yokuhlwanyelwa okuphambene noNkulunkulu. Kuyagxekwa kuthiwe kukhona abakhonza amadimoni, bazibone bengcono ngoba bebiza uJesu, owayengahlabi ngoba ukudla inyama ekhulunyelwe kulicala nobubi.
Ilowo nalowo uzibona engcono kakhulu ngenkolo yakhe kuze kubizwe amagama abantu okuthiwe asifani thina nabo ngoba bakhonza okungesikho, okungamadimoni. Kodwa uma lowo muntu umlandela ekhaya, uthole ukuthi izinto azenzayo zinyantisa igazi nempilo ayiphilayo yenza ubambe ongezansi.
Akugcini lapho, namhlanje amalokishi agcwele izangoma, abathandazi nabathi basebenza ngokugabisa koFacebook ngezinduku zamasiliva abaziphathayo. Uma umuntu ufika kuyena umtshela ukuthi usuke waya kubani, athi lahla konke okuthathe lapho!
Uma kungukuthi uthwasile akuqalise phansi ngoba ebona ukuthi nguyena ongcono kakhulu kubelaphi bonke abakhona elokishini. Konke lokhu ukuthola kakhulukazi ezindaweni ezingamalokishi lapho indlala yokucinana ngokuhlala ithe bhe, okukhulunywayo ubungcono kunomunye owenza umsebenzi ofanayo.
Uma bethole amathuba emisakazweni kube okukhulu ukuzincoma nokugxeka, owakhe umsebenzi omuhle emphakathini. Le nkulumo nakuba ihlabe yephukela kodwa ibiliqiniso eliphelele eliveza ngokusobala ukuthi thina singobani, isho ukuthi siyizilwane ezinjani.
Uyibeke inkulumo yakhe umfo kaMbatha waze wazincoma wathi: “Eyi ngabatshela,” esho iqiniso. Abantu abanjengoMbatha siyabadinga emisakazweni, bathathe iqhaza, basho ukuthi konakelephi ngoba ngempela sidukile.
Likhona leli khizane nomkhaza okwasingena. Ufundile noma awufundile, kuyefana. Sincinzwa yinto esingayazi, ithi isinciza sibe singayibheki kwezinye izizwe ezisiphethe ngokomnotho kodwa siyibheke ngokuthi sikhonkothe omunye umuntu wakithi omnyama.
Ukusiza umuntu namhlanje akusenasithunzi, umuntu ufika kuwena ethunyiwe ngabadala bakubo ukuba azothola usizo asizakale ukuze aphile, ekugcineni uzofika, akhulume ukuthi awumnikile lokhu onako. Kunegama elisebenza kakhulu futhi ungathi ledlulele kwisifundazwe sethu. Akekho ophumelele ongathwele!
Uzwa noma yisiphi isidakwa sendawo sesisho into ehlale siyizwa ikhulunywa ukuthi “ungangitsheli ngobani uthwele”. Umuntu ongathwele yisakhamuzi sakuleli esingowomdabu waseNdiya nomlungu kuphela. Uma ngithi leli gama ligcwele kakhulu KwaZulu-Natal, ngithatha ngilibheke ukuthi lisukela ikakhulukazi endlaleni enkulu esifundazweni nezinto eziningi ezingajwayelekile ukubonakala kumuntu omnyama, kungelula ukuthi abe nazo.
Uma uqhathanisa neGauteng, lapho kulula ukuthi umuntu omnyama ahlale emzini obizayo, ahambe ngemoto ongeke ucabange ingahamba omnyama. Kulesiya sifundazwe wonke umuntu uzenzela okwakhe, eyakhona impilo ijwayelekile. Manje eKZN, sibanga nabomdabu baseNdiya, izitolo eziningi ngezabo. Sinjalo nje, sikhothama kubona njengoba imigwaqo yonke yamadolobha akulesi sifundazwe isaphethwe yibona.
Amalokishi ethu usafunda indlala ungena nje kuwona, ububhudubhudu bezindawo ezisemakhaya, kuyahlushekwa ngakho ukubona umuntu oqhamuka nokwehlukile, kuza nomkhulu umsindo.
Iqiniso leli okufanele sibhekane nalo ngoba uma siliyeka sizikhohlisa thina. Lo ngunyaka wesi-28 singenile kwinkululeko kodwa kufanele ngabe izinto ezifana nalezi azisabonakali kithina. Yingoba silahlekile, sifana nabantu abathweswa isiqalekiso sokungathandani nokungakhonzani. Isibindi sikaFika Mbatha ngisithandile ngoba senza olalele owolunye uhlanga oluzwayo ulimi lwesiZulu, azibuze ukuthi kanti luhlobo luni lolu lwesizwe?
Kuningi-ke okufanele sikubheke ukuthi sikunqoba kanjani singabantu ukuze sibe yisizwe esiphilile nesizithandayo. UNkulunkulu wasabela njengazo zonke izizwe, pho inkinga ikuphi?
Ukuthakathana kukuthina, ukubulalana kukuthina, ukuhlukumezana kukuthina, izinkabi zokubulala zithathwa kithina, abadlwenguli basemiphakathini yethu. Ubulawelwa ukukhuluma iqiniso, kuthiwe ucabanga ukuthi uhlakaniphile kumbe uyazitshela. Lezi zinto ngeke zize zelashwe yimpande namuthi kodwa ukuzama ngamunye ngamunye ukuba isibonelo esihle emphakathini, ohlala kuwona.
Uma ungumthandazi thandaza ubathandazele, uma ungumfundsi bafundise imithetho elishumi kaNkulunkulu, nokukhuleka ngeqiniso, uma ungumelaphi kumbe isangoma, sebenza ngeqiniso, ungazitsheli ukuthi nguwe ongumelaphi obedlula bonke, bese ukhuluma kabi abanye. Uma ulithwasa, bhekana nedlozi lakini likukhanyisele endleleni elikufaka kuyona.
Uma unguthisha qinisekisa ukuthi uyazi futhi uyaqonda yini ukuba nguthisha. Uma useyingane, ukuze ikusasa lakho liqhakaze, hlonipha omdala kunawe, onguyihlo nonyoko kuwena. Ngokwenze njalo, siyokube sitshale impande enkulu eyohlala ingumuthi womsamo womuntu omnyama.
Bhedlindaba “VVO” Ka Lu Phuzi Mkhize (PhD)
Isigodlo saseMlambomunye: School of Umsamo Wisdom
GAUTENG: 010 007 5294/5
KZN: 087 11 00 555
Esigodlweni: (033) 342 3945