MHLELI: Kubukeka sengathi lukhulu luza luyanyelela ekuphatheni amandla okubusa. Sengathi izwe lizobuswa abantu abasha njengoba mihla yonke belokhu bekhala ngokuthi kuvimbe amakhehla nezalukazi ePhalamende .
Izimpawu zalokho seziqalile ukubonakala ngamafu akhombisa ukuthi akusekudala sizwe liduma liqeqebula abaningi abazobe bengalindele. Okuyizimpawu zalokhu indlela uNobhala Jikelele weqembu elibusayo azibona engakhuluma noma kanjani ngokufisa kwakhe okukhombisa ukuthi usekhohliwe ukuthi isikhundla asiphethe ukusona ngokukhethwa ngamalungu eqembu lakhe akusona isikhundla sokuzalwa. Besiqala ngqa ukuzwa kuhlanjalazwa omunye woNgqongqoshe okunguPravin Gordhan uFikile Mbalula emsabisa ngokuthi izinyawo zizogcwala udaka emnyangweni awuphethe. Sizokhumbula ukuthi usabise nongene emva kwakhe kulesi sikhundla okunguGwede Mantashe. Sengathi lukhulu luyeza kuncane kulokhu esikubonayo. Okuqaphelekayo ukuthi ngisho nomengameli bezwe abasuke bekuhulumeni abamhlambalazi ungqongqoshe osuke mhlawumbe umehlula umnyango kodwa bavele bamgudluze noma bamshintshele komunye umnyango.
Okuxakayo ukuthi uMbalula ungenaphi ekusebenzeni kwabasePhalamende ngoba yena ujutshelwe ekomkhulu leqembu okuyiShell House.Sengathi udinga ukuqeqeshwa kucace ukuthi ngokwesikhundla sakhe kumele asebenze agcine kuphi angangeni ezintweni ezingamdingi.
Akwenzayo ngiyethemba ukuthi nabamvotela sebeyabona ukuthi bazijoja ngolumabhaxa. Okumele akukhumbule ukuthi lesi sikhundla asiphethe asimenzi uNdlovukayiphikiswa kodwa uphethe into yabantu. Sengathi kumele ehlise isivinini asehamba ngaso ngoba uzodala uqhekeko eqenjini lakhe elivele linezinkinga zezinkambu.
Sipho Robert Mpungose
Eshowe