UMBUZO:
MaGumede, kunomuntu wesilisa engisaqala ukuthandana naye, uyangithanda bandla ubhuti wabantu angifuni ukuqamba amanga, uyangihlonipha uyangipha futhi isikhathi sami kanti nami futhi ngiyamthanda.
Inkinga wukuthi ungitshele ukuthi uphila negciwane lengculazi ekubeni mina anginalo besingakahlangani enkonzweni yaseLawini manje yena ukhuluma ngokuthi ngibe ngiqala ngithatha amaphilisi okuvika ingculazi iPrep ngeke ngisuleleke ngegciwane, kodwa mina ngiyasaba, ngingasho nje ukuthi iPrep angiyithembi kahle ukuthi iphephe ngokwanele. Ngisacela izeluleko bakithi angazi kumele ngenzenjani.
Angifuni ukutheleleka ngegciwane, kodwa futhi lo mlisa ngiyamthanda nami
IMPENDULO:
Ngiyayizwa inkinga yakho dadewethu kodwa uma umthanda umuntu wakho uzoqhubeka naye bese uyahamba uyothatha iPrep emtholampilo, uma umuntu wakho ewadla ngendlela efanele amaphilisi nawe unayo iPrep ngeke utheleleke nhlobo ngegciwane. Ngaphandle kwalokho ningasebenzisa ijazi lomkhwenyana ukuzivikela ngoba ngeke umuntu omthandayo umshiyiswe ukuthi unegciwane, kungcono futhi ngoba yena ukutshelile iqiniso, abanye abantu bayazithulela nje umuntu angakutsheli ukuthi udla imishanguzo. Cabangisisa kahle bese uthatha isinqumo dadewethu