MHLELI: Bekuvama ukuthi njalo uma unyaka usutsheka sifunde ephephandabeni Isolezwe ukuthi kuneGrahamstown National Choral Music Festival eGrahamstown, esiyaziwa ngeMakhanda namuhla.
Besiyaye silobize-ke thina bathandi balolu hlobo lomculo oyingcwenga singenakufika e-Eastern Cape. Konke lokho kuphelile njengoba leli jadu selikhona nakithi enyakatho nelikaMthaniya. Sibonga uMnuz Thami Ntuli ngokusikhumbula njengoba sekuwunyaka wesibili ligida eMpangeni leli jadu likaSomcabeko.
Okwenziwe osiculangayedwana (Soloists), uNksz Siphokazi Maphumulo noKhumbuzile Dlamini eMbizo Hall muva nje, kwenze ngabona ukuthi uNkk Sibongile Khumalo kwahamba isidumbu sakhe maqede umoya wakhe wangena kulezi zintokazi, ebezidonsa inothi zenyuke nawe ugcine ususukuma esitulweni ungahlosile.
Lezi zintokazi sezisezingeni loThokozani MaMkhize Ndlovu, Sbongile Mngoma noLinda Bukhosini. Ngapha kwabesilisa, uMnuz Menzi Mngoma wayegila izimanga naye, ngize ngikhumbule uThemba Mkhwani noFikile Mvinjelwa insizwa yaseKoloni eyayidlala indawo yeNgonyama uDinuzulu emsebenzini kaSolwazi Mzilikazi Khumalo. Kanti nensizwa uNdumiso Mthethwa yayingazibekile phansi.
Sibonga nekhwaya laseNseleni lamaRoma, elaseSikhaleni, ikhwaya lamaLuthela eMtshezi, eNdwedwe namanye amaningi aba yingxenye yomcimbi wentokozo owawuhlanganise nababhidi asebathatha umhlalaphansi. Kwakumnandi kakhulu.
Sibonga nakuMntwana uMagogo ongasekho njengoba iningi lamaculo ayeculwa kwakungawakhe kodwa eseculwa ngamanothi njengoba yena wayewacula ngomakhweyana.
Siyabonga kakhulu ensizweni yaseMabheleni eyaba nalo mbono wokuvukuza lo mculo obusuthanda ukulotha kwezinye izingxenye ezisenyakatho nelendlovukazi.
Phila Mthethwa
EMPANGENI