Ngibona Uzalo lugqugquzela ubugebengu nje eNingizimu Afrika ngoba ngisho abafundile abawodokotela bayeke abakufundela bangena ebugebengwini njengoSibonelo.
Empeleni Uzalo lusitshela ukuthi imfundo ayisho lutho kodwa ubugebengu buyakhokhela. Intsha ekhulayo nebukela Uzalo izokhethani phakathi kwemfundo nobugebengu?
Ngokwami uGabisile, Nkunzi, Sibonelo noMaNgcobo nabanye abenza ubugebengu kumele baboshwe. Lokho kuzokwenza ukuthi nengane encane yazi ukuthi isigebengu siyaboshwa.
Ngibonge ukuthi ngesikhathi somvalelandlini besilubuka kahle Uzalo kungaqatshulwana. Phela ifakelana amahloni le nto eyenzeka lapha uma unabantu abadala. Ezinsukwini ngibuzwe yingane yami ukuthi uthini uFikile uma ethi uSbu ubefuna bagqibe ikhebuli?
Empeleni umdlalo usithwaliswa kanzima. Bona ababhali abazi ukuthi sigcina sesiqamba amanga ukuze izingane zinganaki. Sekuze kuthi angithi zingalubuki Uzalo ngoba angisiboni isifundo ezisitholayo, kunalokho isigebengu siphiliswa kahle nje abanye babulale abanye kube sengathi akwenzekanga lutho.
Bengifisa Uzalo lubhale into eyenzeka ngempela, sibone uMondli ethela phansi othulini izigebengu, ezinye ezibopha njengoba kwenzeka eNingizimu Afrika. Kuyohlala kuyisifundo nasezinganeni ukuthi ubugebengu ababubuyiseli.
Thanda Mnikaziwempuphu Chonco
kwesakwaMthethwa