MHLELI: Kusuka iNingizimu Afrika yakhululeka ngo-1994, abaholi sebekhulume okuningi futhi baqhamuka namaqhinga namasu amaningi okukhulisa umnotho kodwa ngeshwa umnotho wezwe ulokhu uqhubekile nokuzika.
Inkulumo yesabelomali saphakathi konyaka kaNgqongqoshe wezeziMali, uMnuz Enock Godongwana, kayethusanga ngesikhathi eveza inhlekelele izwe elibhekene nayo ngakwezezimali ngenxa yomnotho wezwe ontengayo, isikweletu esikhulu esisemahlombe, ukubiza kakhulu kwezindleko zokuphila nobukhulu bezindleko zamaholo ezisebenzi zikahulumeni.
UGodongwana ube esememezela amaqhinga namasu amasha okukhulisa umnotho wezwe nokuhlanganisa ukunciphiswa kwezindleko zokusebenza kwahulumeni.
Eqhulwini; ubale ukudilizwa kwabasebenzi ukuze uhulumeni ezokonga imali. Kuyishwa ukuthi uhulumeni unenkolelo engelona iqiniso yokuthi unezisebenzi eziningi ngokweqile nokuyimbangela yobukhulu bezindleko zamaholo. Iqiniso ngenani lezisebenzi zikahulumeni ukuthi izinhlaka zikahulumeni kazihleliwe kahle njengoba kunezisebenzi eziningi emazingeni okuphatha bese kushoda kakhulu kubasebenzi abasezimpondweni zokusebenza kwakhe.
Lincane kakhulu inani lothisha, onesi, odokotela, amaphoyisa nezinye izisebenzi uma uziqhathanisa nezinselelo ezibhekene nezwe ngokunjalo nezinhloso zahulumeni zokuthuthukisa inqwaba yemiphakathi, ikakhulukazi emalokishini nasemakhaya.
Kungaba elikhulu iphutha uma uhulumeni ungadiliza abasebenzi bakhe abasemazingeni aphansi egameni lokonga imali.
Uhulumeni unezisebenzi eziningi ezisemazingeni okuphatha nezikhokhelwa amaholo aphezulu kakhulu futhi zihlinzekwa ngezinsiza ezidulayo. Kunenqwaba yamazinga okuphatha aphambanayo, aphikisanayo futhi angenasidingo nokufanele ngabe ayaqedwa ukuze uhulumeni ezokonga izishaqane zemali futhi agweme ukulahlekelwa imali nesikhathi sokufuqa intuthuko.
Uhulumeni akazidingi izikhulu ezifana neSekela Mqondisi-Jikelele (DDG), isiKhulu esiPhezulu (COO), uMqondisi oMkhulu (Chief Director) noMsizi kaMqondisi (Assistant Director). Kuyiqiniso elingephikwe ukuthi lezi zikhulu zihlale zisemihlanganweni engapheli neyizindleko ezinkulu kubakhokhi bentela futhi inemithelela emincane kakhulu ekuhlinzekweni kwemiphakathi ngezidingo nentuthuko.
Kuphinde kwavela imibiko eshaqisayo nethi uhulumeni uchithe izizumbulu zemali engaphezulu kukaR2 billion eminyakeni emihlanu edlule eholela izikhulu ezisebenza emahovisi ongqongqoshe namaphini abo.
Okwethusayo kakhulu ngalezi zikhulu ukuthi kayaziwa imisebenzi yazo ngaphandle kokuhlale zilandelana okwezimvu ngemuva kosopolitiki. Nalapha uhulumeni angonga imali enkulu uma enganciphisa inani lalezi zikhulu.
Uhulumeni angasebenza ngokuhlelekile, ngokushesha nangempumelelo uma umkhakha wezokuphatha ungahlukaniswa ube namazinga amathathu kuphela, okunguMqondisi-Jikelele (DG), uMqondisi (Director) noSekela Mqondisi (Deputy Director).
Lapha uhulumeni angonga izinsiza nemali enkulu nangakutshala emazingeni aphansi kahulumeni nalapho umsebenzi wenziwa khona ukuze kwandiswe ukuqashwa namaholo othisha, onesi, odokotela, osonhlalakahle, amaphoyisa nezinye izisebenzi.
Izwe elinohulumeni onenani labasebenzi abalingana nezidingo zalo, abanamakhono, abathola imihlomulo egculisayo, abathokozile futhi abanezinsiza ezanele zokwenza imisebenzi yabo, lisuke linezinsika eziqinile zokukhulisa umnotho wezwe, zokwakha amathuba emisebenzi, zokulwa indlala, zokunikezela ngezidingongqangi kwizakhamuzi, zokuheha abatshalimali nezokuthuthukisa impilo yemiphakathi.
Uhulumeni wakuleli ungafunda lukhulu kohulumeni base-China, India, Japan, Malaysia, Singapore nabanye ngamaqhinga namasu abawasebenzisayo ukwakha izinhlaka zahulumeni eziqinile, ezinamandla futhi ezinobuhlakani ngokusebenzisa abasebenzi bahulumeni njengensika yokuphathwa nokuthuthukiswa kwezwe.
Iseluleko kuGondongwana nohulumeni, ukuthi bangalinge badilize abasebenzi egameni lokukhulisa umnotho nokonga imali kodwa, mabahlele kabusha uhlaka lwabasebenzi bahulumeni. Elakuleli kufanele linciphise inani lezikhulu eziphezulu ukuze likhulise inani lezisebenzi ezisezimpondweni zokunikezela ngentuthuko nezidingo emiphakathini.
Thabani Khumalo UNGOTI WEZOKUPHATHA NOMHLAZIYI WEZEPOLITIKI OZIMELE