MHLELI: Kwelakho elifundwa yizinkulungwane zabantu baseMzansi futhi bakholelwa ukuthi uzikhipha zingakafudunyezwa nhlobo.
Ngivumele ngikhuze uZimiphi Biyela ongumsakazi woKhozi FM ngaphansi kwe-SABC.
Empeleni kuzomele ayifundisise imiyalelo yakhe neyomqashi (Code of Conduct). Indlela aziphatha ngayo ungathi usebenzela ihlathi lomsakazo nehlathi labaphathi bakhe.
Mhlawumbe uSbongi Ngcobo kumele afake isibhaxu kubantu abanjengoZimiphi ukuze bezolawuleka ngoba uma ngabe eshaya abanye, uyovela lo mbuzo othi "ushaya abanjani ezinganeni zakho".
Akakwazi ukuthi umsakazi engaphendula umsakazo onesithunzi kube yikwampunze’dlemini. Iqiniso lithi uZimiphi wenza umsakazo ube yihlathi.
Kunezikhathi lapho sasimbona ekhuluma noma yini ezinkundleni zokuxhumana. Kazi kuyafika yini emqondweni wakhe uZimiphi ukuthi ungubuso boKhozi FM noma ekuphi?
Mhlawumbe kuzomele abaphathi boKhozi FM bamkhumbuze ngokuziphatha komsakazi ngaphandle okuletha isidima somsakazo.
Uyabona into ayenze ePeople’s Park, enkundleni iMoses Mabhida, iyihlazo kakhulu. Kodwa okuyihlazo elikhulu ukuphendulana neciko ezinkundleni zokuxhumana.
Lokhu kuyizinkomba zokuthi uZimiphi uziphethe yena Okhozini, akanabaphathi. Ngeke ngamangala uma ngabe ephumela obala ethi akanamphathi yena.
Kuyo yonke imisakazo ephethwe u-SABC, uKhozi FM luphethe imidlwembe yabasakazi abangalawuleki nhlobo.
Sbongi Ngcobo awuveze iqhaza lakho njengomphathisiteshi.
Khabazela “KB” Mzimela
EZWELIBOMVU