SEKUNGAZE kuqhume amavelemane nje impela lapha empikiswaneni ngomqeqeshi uRhulani Mokwena? Yini?
Kukhona ukunengeka kwabalandeli baleli qembu nabanye abazithandela ibhola likanobhutshuzwayo abadidwa ubunxemu besinqumo sokuxosha lo mfana wakwaSono phezu kokuthi umnyombo wothanga ubusaya phambili. Sekudimoni lini-ke eselingena eChloorkop ngoba kakukho monakalo otheni? Kubuza abalandeli belu, hhayi usibhincamakhasana.
Ngezizathu ezahlukene, iningi lethu lizwelana naleli jaha eselikhombise ubuhlakani obuthembisayo kulo mdlalo. Esinye salezo zizathu ukuthi cishe uRhulani ungumqeqeshi wokuqala odabuka kuleli ofinyelele ekuqeqesheni izinkunzi zamaqembu kusacatshangwa ukuthi ukhakhayi alukaqini kuye. Uqale wabamba kwi-Orlando Pirates isithutshana wase ethatha izintambo kuMamelodi Sundowns. Udumela lezi zinguzunga nje zomsebenzi akakhombisi nokufinyela kwakwenzayo futhi nokuphuma ngaphansi kwekhala kuvuthavuthiwe.
Uvele unogazi kwabaningi uRhulani, kwazise uyinzalo yasemndenini onogazi kulo mdlalo esiwuthandayo. Le yindodana kaJulius Sono owathi xinti ku-Orlando Pirates nongumnewabo kaJomo Sono, naye wodumo kweZikamagebhula. Ubufakazi lobu bokuthi omunye umsuka wezinseka ngoRhulani zixhantele kulo mlando.
Kodwa-ke akuqali ngaye ukudedelwa phezu komsebenzi omuhle obukeka ewenzile. Le yimpilo yabaqeqeshi, engingasho nokho ukuthi ayemukelwe.
Okumele sikuqaphele kodwa ukuthi lapha ebholeni insimba yesulela ngegqumusha njalo nxa sekuthatheka izinqumo ezingeqhatha abakhulu noquqaba. Iningi lethu livukwa yisipoliyane ngeqhaza likaFlemming Berg nje, liziba ukuthi kwayena ungumqashwa laphaya eChloorkop. Ngamanye amazwi ungumthunywa.
Ukuhamba kwale nsizwa yakwaMokwena esesihayiza ngakho namuhla cishe kwaqala ukuhleleka ngaso isikhathi sokulandwa kwale ndoda yaseDenmark ukuba izoba ngungqoshishilizi kwezokulolonga. Umbono wami lo, uphikise nxa unomunye, ngeke kuhlephuke muntu.
Futhi lo Berg wansondo akanawo amandla ukwedlula abanikazi beqembu - umndeni wakwaMotsepe. Nginesiqiniseko sokuthi lo mndeni wawungeke uphume inqina ubheke e-Europe uma wawungenayo inhloso ethile. Wabeqa zikhona nje vele izinqonqodwane ezingoTrott Moloto, Mike Ntombela, nabanye. Kwakumele sikubone kuphamba ukuthi kuthi impumelelo yeSundowns yeminyaka eyishumi edlule ilethwe yithalente lokuqeqesha elivutshelwe ekhaya kodwa nxa befuna umengameli jikelele wezokuqeqesha bese kuba yindoda emhlophe “thwa” futhi ingeyaseNtshonalanga "ntsho".
Ukunqamuleza kwethu le nsizwa yaseDenmark kuqhuba khona ukukhuluma kokuthi ukusuza komnumzane kuyazitshwa. Mhlasimbe kungaselekelela ukuba siqonde iphupho likaMotsepe ngeSundowns. Asilazi. Kodwa esikubonayo ukuthi lapha ku-Premier Soccer League awusekho umbango wokuthi kukhala isicathulo sakhe - ngeqembu lakhe nasekubeni umondli webhola lonkana ezweni, kusukela emaqenjini athuthukiswayo kuya kwathelela iPremiership neSafa uqobo lwayo. Isitebhisi esilandelayo wukuthi iSundowns ibe ngompetha iphindelela e-Afrika. Isahlulekile ukugxiviza lesi sitembu ngokucacile. Isike yayiwina iChampions League, uMotsepe waphinde wayivulela i-Super League yayiwina. Manje useyiphendlele emncintiswaneni we-Fifa Cluba World Cup.
Akone lutho ngalokhu uMotsepe, kuvuleka namathuba kubadlali bethu ukuba bathole ukuqhudelana nosiyazi bebhola lomhlaba. Nakhu-ke engifuna sikubuke ngesinqumo sikaMotsepe sokususa uRhulani (ungizwe kahle ngithi isinqumo esikaMotsepe, hhayi lo Berg oyisithunzela): Leli jaha lakwaSono ligeje ithuba lokuwina i-CAF Champions League selisezandleni, wabuka uMotsepe ukuthi "mameshane, ngiyofika nje ku-Club World Cup uma kunje"? Ingcindezi yaba ku-Berg, naye onombono nesethembiso sokuthi “iSundowns ngizoyifikisa ezweni lesethembiso lapho kukhona khona oReal Madrid noManchester City”.
Asikuvume lokhu: Isimo sokuphathwa kwebhola emhlabeni ngelinye nje lamashwa aphikisana nobulungiswa ngoba kuba yilowo onemali namandla onezwi lokugcina. Ukuba kuthiwa ibhola libuswa yimithetho egcizelela iqiniso ngabe abaqeqeshi abalulazwa ngale ndlela abalulazwa ngayo.
Kangikhulumeli-ke uRhulani, anginawo lawo mandla futhi ngabe kakulona iqiniso ukwenza lokho ngoba kungamele ngibe umlomo wabo bonke abaqeqeshi abaphendulwa imikhovu ephakelwa amasi amadoda anemali angabanini bamaqembu umhlaba wonke. Ebengikusho nje ukuthi lapha ebholeni likabhutshuzwayo, ohlaba eyakhe kanqatshelwa.