UKUFA kusendlulile bhunqu! Kusinqunise nqu! Siyathwabaza, sibhushuzela ngesudi yesele ngenxa yokwephucwa iqhawe laseMaNgadini, uMbongeni Ngema.
Ngisho uMadlokovu, ungulube ziyawon' u-kiss ngokuwuthatha ziwufake odakeni. Umajikel' ezinqeni othand' ukubamba njalo!
Uma kukhulunywa ngoMadlokovu, abaningi bazi iciko ekubhaleni nokuqondisa imidlalo yeshashalazi. Bazi umculi wodumo lwengoma iStimela saseZola. Kwabanye usaziwayo, kwezinye izinkalo namazwe ungubaba kwezeshashalazi ngokubanika ithuba kokuvelela emidlalweni efana neSarafina, Woza Albert, Magic at 4am, neminye.
Esigodini sakithi eNhlwathi uMadlokovu ubeyinomfi esihlangana ngayo, umazibuthe wesizwe. Njalo uma ngichaza ukuthi ngingowakuphi bengithi ngakubo kaMbongeni Ngema eNhlwathi. Lena yindawo othwala kanzima uma uyifuna ebalazweni kodwa kungenxa yomaka owabekwa yile ndodana yalesi sigodi esifundankantolo KwaHlabisa ukuthi kube lula ukuyibalula.
Umlando uveza ukuthi wazalelwa eVerulam, enyakatho yeTheku. Thina bomsinsi wokuzimilela esizweni saseMdletsheni sazi insizwa yendawo yangakithi. Izintaba INhlwathi, iSinkonkonko, eMatshamhlophe, kwaMayakazi kuze kuyoshaya kwaMthwadlana zingafakazelana ukuthi ziyayazi le nsizwa. Wanqamula kuzo.
Imifula iNkiwane, iWela, iNzimane, uMlambozana, imihosha yaseMcibilindini, izinkalo zaseDengeni, imimango yaseMfanela, ezingqaqeni zasoPhaphasi, eMansiya naseMpanzakazi - babuze bonke ngoMbongeni Ngema, uzozwa ukuziqhenya kwabantu ngendodana yabo.
Kungenzeka hleze ukuthi abaningi bakhuluma ngoMadlokovu nje kabazi ukuthi empeleni kulezi zintaba nezigodi engizibalayo ngenhla oNgema banendawo ebizwa ngokuthi kuseMaNgadini. Nelakithi ikhaya eMaMbatheni lisemhlabathini wamaNgadi.
Kule ndawo imizi yakwaNgema iqaqele amagquma onke, nasenkangala kuthe yathe imizi yalesi sibongo. Esikhathini esiphambili yayiqoqene ngokwezindlu zakhona ngaphambi kokuthi kwande ezinye izibongo.
Ngaleyo ndlela uma kuthiwa Madlokovu kumfo kaNgema kwenanela izinkulungwane ngezinkulungwane esizweni saseMaNgadini. Ngikhuluma nje selokhu zingenile izindaba zokulimala kwakhe engozini yemoto kuthangi, omama nobaba bendawo eNhlwathi nezigodi ezakhele isizwe saseMdletsheni bangena bayaphuma ekhaya elikhulu okuzalwa kulo leli qhawe, eMfana. Bayokhuza isiga esivelele amaNgadi. Bebemthanda "umfana wabo", uMadlokovu. Ubeyisibani kwabaningi, ikakhulu kubo oNtusi yenkomo.
EMfana yigama lomuzi wakwaMbongeni. Kunomlando kuwo lo muzi njengoba kuke kwaba yikomkhulu lenduna yendawo uMshiyazeqana, ongumnewabo omdala kaMbongeni, naye ongasekho. Nesitobhi sebhasi kuthiwa kuseMfana. Ngisemncanyana nje, esami isitobhi sokwehla sasithe ukuba phambidlana kodwa ngangike ngicele ukwehla eMfana, esangweni lakwaMbongeni. Ngangenziswa ubungane bokuthi hleze ngizobonakala emehlweni abantu njengomfanyana osondelene nodumo lukaMadlokovu. Ningahleki.
Singabafanyana nje besideze sithunywa siyobutha umquba ezansi kwasesibayeni eMfana ngezansi (ngoba le mizi mibili - kukhona ongenhla komgwaqo nangezansi) sizovundisa engadini. Laphaya kwakunexhegu uVukayibambe, engiqonda ukuthi lalizala uyise kaMbongeni. Uma ubona ibala likaMbongeni namehlo usuyalazi lelo xhegu. Nse!
Kungani ngilanda lokhu okusamfishimfishana uma ungeyena owakule ndawo engikhuluma ngayo? Yingoba umlando lapha ekukhuleni kukaMbongeni uthande ukushebeka. Hhayi ngamabomu omuntu. Kungoba leli qhawe eliguqile kulezi zinsuku liphile ezikhathini lapho abacindezeli abamhlophe benza impilo yethu ibe yisitshulu. Ukhulele emakhaya kodwa wazalelwa esilungwini eVerulam, okuyindawo okwagudluzwa kuyo abamnyama ngesikhathi isiklanyelwa abomdabu baseNdiya ngombuso sobandlululo.
UMashu kwaba yindawo lapho kwathuthela khona abantu abaningi ababesuka eVerulam njengoba abaningi behlobanisa uMadlokovu noMashu. Abaqambi manga, unayo insila yaseSinqawunqawini. Cishe yilesi sishebo sempilo esalola uMadlokovu ukuze abe bukhali nasekusebenziseni ubuciko ukweseka umzabalazo wenkululeko yomuntu omnyama.
Imidlalo ethi Asinamali nje yaba negalelo elikhulu ekuvezeni indluzula abomdabu kuleli abaphila ngaphansi kwayo embusweni wobandlululo. Kusemculweni wakhe lapho iNhlwathi igqama khona.
Ubengaqheli-ke ezimpandeni zakhe umntakaMaMthimkhulu, ngisho esachitha isikhathi esiningi esemazweni ngokomsebenzi. Uthandwa kangaka nje kwelakubo yingoba ubeke enze emikhulukazi imicimbi, intundabebhekene webuya, kuthakase uchibidolo lwabantu bendawo.
Sisengabafanyana nje saseqaqela emcentweni wegceke eMfana uma ekhona ehamba nabambisene nabo enkampanini iCommitted Artists. Sasifuna ukuzobona lo muntu wangakithi okuthiwa uhlale ehamba ngamabhanoyi. Sasingazi nokuthi nomnyama uyavunyelwa ukuba sendizeni aye phesheya. Nxa silibona lithi dwi emafwini ibhanoyi sasikhombisana sithi "uMbongeni Ngema uphakathi kulo.“ Angiqonde kuhlekisa bakwethu.
Baningi-ke futhi abagcina bephumelele uMadlokovu ebacoshe khona le ehlanzeni ngakithi, ahlwaye ithalente athintithe isibomvu nentuthu kuvele ikhono angaliyisa emazweni. Phakathi kwabo kukhona nabakwabo egcekeni abagcina sebegqamile ngamathalente abo njengabanewabo - omncane uNhlanhla nongaphambili uBhoyi (ongasekho). Kuwo lo mndeni kwagcina kuzelwe amanye amaciko esingabala kuwo uSabelo Ngema ocula neqembu i-AfroSoul. Baningi nabanye abakhela ngamaqubu kaMadlokovu abangezona izihlobo kuye.
Yingakho nje ngithi uMadlokovu ubeyingubo yokuhloba kwethu lapho ezalwa khona. Ukuqhakaza kwakhe bekukhanya umhlaba wonke kodwa thina eNhlwathi besitelebhela phambi kwabanye ngegama lakhe. Ubeyisibuko sezwe lonkana, kodwa isiphiwo esingaka wayesuke naso ezingoxweni kwaPewu, ezingqaqeni kwaMncisi naseSiqethu. Wabusiswa izalukazi ezazitheza zibasa ngeminqawe, iminga nemincaka.
Lala-ke uphumule Mbuz’ emhloph’ ethe qwa. Phephisani Nina baseNgweni!