MHLELI: Kwelakho lodumo, ngiloba ngosiba ukuze ngizwakalise imizwa yami nelaka lami ngokwenzeke kwinhlolokhono, yesikhundla senhloko yamajaji wamajaji.
Yize ngingababonanga bonke abebephonswa imibuzo kodwa ngibe nenhlanhla yokubukela nokulalela, ngesikhathi kubuzwa osabambile njengenhloko yamajaji, uJaji Raymond Zondo.
Ngimbone eshaywa yiminyaka uZondo, ngenxa yeminyaka emsalele eNkantolo yoMthethosisekelo. Ngimzwile ephendula ethi wazakhela izitha ngodaba lukaMnuz JGZuma, nokuqoka abantu bezinye izinhlanga.
Yize kunjalo, kumele simshayele ihlombe uZondo, uyingqwele yangempela ngokuba yingxenye yokwakha izigaba zomthetho ezehlukene eNingizimu Afrika. Unomlando onzulu kwezomthetho futhi ukuba iminyaka yakhe ibisamvumela, nami bengingamvotela.
Kepha, yisikhathi sokudedela abanye, nabo bagiye baqephuze.
Bonginkosi Ndlovu
EMPOPHOMENI