MHLELI: Akukho ngelosi nasikhulu eNingizimu Afrika, esingasitakula esizibeni sosizi nenhlupheko esibhukuda kuso ngaphandle kokuthi sizabalaze kanzima ukuze siphume kule nxushunxushu.
Indlela yokuphuma enkingeni ukuphuca i-ANC ivoti lethu ebesilipha yona, bese silipha enye inhlangano ukuze ithole ithuba lokuzibonakalisa. Umnotho wakuleli ubuvele untengantenga kepha uhulumeni oholwa uMengameli Cyril Ramaphosa, wenze isimo saba sibi kakhulu kanti neCovid-19 ishayele isipikili sokugcina.
Imali ebolekwe kwi-IMF nakwiNew Development Bank ikwenze kwacaca bha njengonogwaja omhlophe ugijima ohlungwini, ingwadla esizifake kuyo. Ukukhula komnotho wakuleli ngemali elinganiselwa ku-0.9% unyaka wonke kuwubufakazi bendlela esidonsa kanzima ngayo siyisizwe.
Akekho namunye-ke ozosikhipha enkingeni ngaphandle kwami nawe njengabavoti. I-ANC ihluleke yancama ukusebenzela abantu abayivotelayo kepha kunalokho yadla le mali engekho yentela, enikelwa abakhokhi bentela. Kufanele bathathelwe abanakho laba abatholakale benecala lenkohlakalo ukuze kuqokelelwe, kukhokhwe zonke izikweletu ezibhincisele izwe nxanye.
Kuwo wonke amaqembu epolitiki esinawo, kumele sikhethe elilodwa esingalethemba nelinomlando omuhle silivotele ukuze lithole amandla okubusa. Asibhukule silwele izwe ngevoti lethu, sipheze ukuhlehla nentelezi sithi sizogodla ivoti ngoba kunobuvaka obuphindaphindiwe lokho.
Akufanele sikholwe wukuthi yonke inhlangano esiyipha amandla iyokwenza okufanayo neqembu elibusayo. Awukwazi ukujezisa omunye umuntu ngenxa yephutha lomunye. Kusezandleni zethu. Asihlangane, sikhiphe inhlangano ekhohlakele emandleni sifake esingayethemba. Kuzo zonke izinxushunxushu esinazo njengesizwe kumele sisebenzise amandla ethu evoti ukuphuma kuzo.
Phondolwendlovu Mzolo
KWANYAVU