NGEMPELASONTO ngizithole sengiphakathi esibhedlela thizeni kade ngithi ngizohlangana ngaphandle nomhlobo wami anginike ebengikudinga sihlukane kanjalo.
Ngithe ngimshayela ucingo ngimazisa ukuthi sengingaphandle, wabika ngokuxineka, wanginxusa ukuba ngingene ngaphakathi sihlangane enkantini. Yimi lowaya ngibhalisa konogada maqede ngagudla emaphaseji ngaye ngayofika lapho ebekhona.
Kuthe singakayi ndawo nokuntela emva kokubingelelana, wafikelwa yisigijimi ebesithi udingeka ngokuphazima kweso kwelinye igumbi. Ungethule kwabanye ozakwabo acele ukuba bangangexwayi esefulathela, eshiya kanjalo kwakhofi abethi uyaliphunga. Engishiywe nabo abanginakanga okutheni, baqhubeke nokuxoxa.
“Niyabona nje bafowethu sesizozalelwa yinj’ endlini njengoba kusondela uKhisimusi yizalukazi namakhehla abazofika lapha bekhishwa yizisu,” kusho enye intokazi ibe ibipha. Ingakaligwini, uyiphuthume ngombuzo omunye umfo, obukeke esemncane engithathe ngokuthi useyithwasa emsebenzini, wathi: “Kusuke sekwenzenjani?”
“Angithi phela kunongqesta abazi ukuthi ngoba nakhu ezibhedlela kunonogada, abahlengikazi nabantu abaphekayo baphakele iziguli, kumele balahlele khona izalukazi namakhehla, bona bajabulele uKhisimusi ngaphandle kwesicefe.”
“Kahle wena bo!” Kubabaza lo mkhapheyana, lapho nami sengithi ngizoke ngizwe. Indaba ithathwe ngenye intokazi esiqinile yathi: “Konje awukazazi izimanga zalapha wena bhoyi… Mana-ke ngikutshele, phela kunezikhohlakali ngalezi zikhathi zikaKhisimusi, ezingasifuni ‘isicefe’ sabantu abadala emakhaya, ezivese zibafake izinto ezihlambulula izisu ngokweqile, bese umuntu omdala eyahuda.
“Sebepepeza bese belethwa lapha esibhedlela, kuthiwe bayafa. Nangempela kwabanye amehlo asuke eseshone phakathi, sebezigojana uhudo lumi ngenhla. Kwabanye kusuke kudalwa nawukuthi banezifo ezingamahlalakhona ezivukayo, bese kuba kuningi nxa umuntu esehlukunyezwa wukweqisa into yokukhipha isisu.
“Ogalakajana bafika naye kahle nje bambhalise, alaliswe bavalelise okwabantu abazophenduka masinyane bazoqalaza isalukazi ‘esibambekile’ kanti sebeshaya utshani. Uma sebefunwa, umuntu wabo eseluleme bangabe besatholakala ezinombolweni abazishiyile,” kuchaza intokazi ilokhu iphelezela inkulumo ngohleko.
“Manje ogogo basuke bengazi yini ukuthi baphuziswe umuthi okhiphayo nokwenza ngokweqile,” kulandelisa umkhapheyana ngombuzo. “Lutho nathi size sithole kahle uma sekuhlolwe igazi futhi nakho kwenziwa nxa kunokudideka futhi kusolwa into eyingozi,” kwenaba intokazi.
Kuthe kuqhamuka umhlobo wami nephasela ebengililandile, bese ngikhexile futhi ngilobizela ukujikijela imibuzo embalwa kepha isikhathi saphika.
Ngihambe ngiyetshisa indaba yokuthi uma sezifuneka izihlobo zesaguga kazibe zisatholakala. Kuthiwe zivela zona ngesikhathi esithandwa yizo okujwayele ukuthi kube ngemuva kukaNcibijane - sekunciphe isikhathi senjabulo.
Abezempilo bathe kuvame ukuthi kuthathe usuku noma ezimbili ukuba belaphe umuntu oweqise okukhiphayo. Inkinga isala ekutheni isaguga siyaqhubeka nokuhlala esikhungweni ngisho sesingcono ngoba zisuke zingatholakali izihlobo ezizosilanda. Vele inhloso bekuwukuqhelisa “isicefe” ekhaya siyohlaliswa “endaweni ephephile.”
Ingihluphile le nsambatheka engiyizwe lapha, ngoba ngize ngabuza omunye umsebenzi wezempilo osengwevu, othe iyiqiniso.
Isikhathi samaholidi okuphela konyaka ngesenjabulo yokuthi kuhlangane imindeni, abancane nabadala bajabule ndawonye.
Akukho nkolelo, okanye kwasisekelo sempilo esihambisana nalo mkhuba wokududulelwa kwasebekhulile ezibhedlela. Isintu nenkolo kuthi kasazise abantu abadala ngokubahlonipha.
Ukuthatha isihlobo sakho ngoba sesikhulile usigxishe umuthi wokukhipha, kuwukuzibizela isiqalekiso. Njengoba esho umsebenzi wezempilo, imvamisa abantu asebekhulile banezinye izinto ezingamahlalakhona ezivumbuka kalula, zibeke impilo yabo engozini uma bephuziswa ngokweqile into ehlambulula isisu.
Lo mkhuba usho ukufa kwemindeni. Siyisizukulwane esinjani esijabulela ukuhlukana nabayigazi lethu ngoba sifuna injabulo yesikhashana? Ziningi izindlela esinganakekela ngazo abantu abadala ngaphandle kokubeka impilo yabo engozini ngokubafaka ngokweqile esilinganisweni imithi yokukhipha.
Sengathi izindaba ezinjengalezi kungebe nje ngezokuphuza itiye enkantini kepha mazibikwe ezinhlakeni ezifanele, ukuze kuthathwe izinyathelo. Ukhona noMnyango wezeNhlalakahle onesibopho sokuvikela abantu abadala, awusondezwe eduze - kuvikelwe izaguga.