INCWADI: Lessons from past heroes: how the rejection of victimhood dogmas will save South Africa
UMBHALI: Phumlani Majozi
ABASHICILELI: Tracey McDonald Publishers
KUNOMLANDO wabaholi bezepolitiki osemqoka futhi okumele isizukulwane sanamhlanje siwufunde ukuze sihlomule ulwazi. Lona wumlayezo wencwadi ebhalwe nguPhumlani Majozi, ethi Lessons from past heroes: how the rejection of victimhood dogmas will save South Africa
Kuyaziwa ukuthi isizukulwane sanamhlanje sithembele ekutheni sihlinzekelwe ngemisebenzi ngenxa yomthetho weBEE. Yize ubasiza abanye abantu abamnyama kepha abanye bakhala ngaphansi ngisho befundile.
UPhumlani weluleka abantu abasha ngokuthi kumele bancele emthonjeni wolwazi lwabaholi abamnyama ababegabe ngokuba qotho futhi bezikhandla hhayi ukwenzelelwa. Zazingekho ezobuchwepheshe ngaleso sikhathi futhi abaholi bakudala babengafuni inzuzo. Uthi ukuzimisela nokuhlonipha yikho okwenza ukuthi abaholi abamnyama basendulo baphumelele ekulweni nobandlululo.
Ubalula abaholi abanjengobaba uDkt Pixley ka-Isaka Seme, uDkt Langalibalele Dube, uSol Plaatjie noJosiah Gumede. Uqhathanisa abaholi bakudala nalaba asebehole izwe ngaphansi kombuso wentando yabantu, okubalwa uDkt Nelson Mandela, uThabo Mbeki noMnuz Jacob Zuma.
Ugxeka umkhuba omubi wabantu abasha ikakhulu abamnyama, wokuthi bazitshele ukuthi bagogodile ngakho bazi yonke into futhi akekho umuntu ongabaphikisa. UPhumlani uthi yize imfundo ibalulekile kepha okusemqoka kakhulu ukuba qotho komholi nokuzibophezela ezimisweni eziphusile hhayi inkohlakalo.
Ubalula ukuthi ubuholi bukaMbeki noZuma bukhombisa ukuthi babengathandi ukuboniswa. Uchaza umkhuba kaMsholozi wokushintsha iKhabhinethi ngenhloso yokufaka ongqongqoshe abadansela isiginci sakhe. Ugxeka indlela uMbeki alawula ngayo udaba lwengculazi, echitha ubufakazi bosoSayensi. Kanti uthi uRamaphosa uyanhlanhlatha futhi uyehluleka ukwenza izinqumo azozimela. Usehluleka wancama ukwakha umnotho osimamisa izwe. Phakathi kwabaholi bamanje utusa imibono kaHerman Mashaba, Mmusi Maimane kepha ushaya amakhala ngoJulias Malema.