KUHLE ukuthi uhlale uthekelela ulwazi kulowo mkhakha osuke uqondene nawo. Akekho umuntu owazi konke, uthola usolwazi eya ngisho kwamanye amazwe, eyothekela olunye ulwazi khona.
Nakule ngosi ngike ngihlangane nabantu abaphethe ibhola likanobhutshuzwayo, abaqeqeshi, onompempe, odokotela, nabezokuphepha. Lokhu kuyayinothisa le ngosi ngolunye ulwazi engiluthola kulaba bantu.
INingizimu Afrika, inothile ngabantu abanolwazi. Inkinga yilabo abangombelakwesabo ngakwezombusazwe, abazicabangela bona nemindeni yabo nabasondele kubo, ababafongqela izigqoko uma behlangene.
Uyalala uyavuka, ufunda amaphephandaba, uvula omabonakude, ulalela imisakazo kuhlale kunamacala osopolitiki sebeyehlise ngemilenze imali yabantu.
Ngeshwa abantu bebhola bangamagwala, bayancetheza kulabo sopolitiki. Uma ubheka kwamanye amazwe anothe njengeNingizimu Afrika, ingqalasizinda yezemidlalo isezingeni eliphezulu.
Ngo-2010 leli zwe lalahlekelwa yimali eningi ngenkathi kuthuthukiswa ingqalasizinda kulungiselelwa iNdebe yoMhlaba. Yilapho izinkampani zokwakha zenza umbimbi, zasina zazibethela zizisikela kwelinonile.
Uma kusekhona lesi silwane okuthiwa yithenda, ngeke siye ndawo. Phela kuba nenkethabantwana emazingeni kahulumeni, kunikwe imihlambi edlelanayo.
Kungani amaqembu ebhola engenazo izinkundla ezithi wona ezisezingeni? Kungani engenazo izindawo zokuzivocavoca? Kungani bengekho abeluleki bezengqondo? Kungani bengekho abahlaziya amavidiyo ngesikhathi kuqhubeka umdlalo? Kungani bengekho abezokwelapha abagogodile? Kungani bengekho ongoti bezokudla okunomsoco okudingwa abadlali?
Bengikha nje phezulu. Kumanje uma umdlali ethola ithuba lokuya phesheya ufika kudume upotiyane bese kudingeka aqale phansi afunde okuningi. Yingakho abadlali bethu abaningi, yize benethalente, bebuyela ekhaya sengathi bayasha phesheya.
Ngisho amaqembu esizwe awanazo izinkundla zawo, nezindawo zokulolonga imizimba ezisezingeni eliphezulu. Kumele uhulumeni nezimboni bafake isandla, bese kuba lula ukuthi iqembu lithayisele imali yesakhiwo.
Wake wezwa kuthiwa umdlalo awukho phesheya ngoba ayitholakali inkundla, kunombuthano wepolitiki, kunebandla elithile lezenkolo noma kunabaculi abavimbanisile?
EGermany ngathuka uma ngibona izinkundla eziluhlaza cwe, kunabantu abasebenzayo kuzona ngokugcwele, kunezakhiwo zokushintshela nokugeza sengathi kusehhotela.
Ngacishe ngaquleka uma kuthiwa leyo ndawo isetshenziswa ngamaqembu ka-U/10 no U/13 angaphansi kweqembu esasilivakashele. Kunabaqeqeshi abagogodile emanyuvesi akhona baqashwe ngokugcwele, ukulolonga izingane kanjalo kunodokotela.
Ngibuza ukuthi yini engahlula iNingizimu Afrika, ukuthi yenze lezi zinto? Empeleni iKhomishini kaJaji Raymond Zondo, yasivula amehlo ngokuthi libole kanjani izwe. Kalihluphekile izwe kodwa imali iklezisa abathile. Ziziwuthola kuphi umfutho izinkampani ezinkulu uma zazi ukuthi imali izomila izinyawo?
Yihlazo lodwa uma uya emakhaya nasemalokishini. Namanje ngisababaza ukuthi kulezi zindawo sisakhiqiza abadlali abagcina emaqenjini esizwe nakwiPSL. Ukuba sinalo bukhazikhazi ngabe siyasatshwa emhlabeni.
Muva nje, kunomasipala oguqula izinkundla zebhola azenze izindawo zokuhlala kodwa abantu bebhola abathi vu! Vele kazibalulekile izinkundla okusemqoka amavoti kulabo sopolitiki. Mhlazane umphakathi wawaqonda amandla evoti, izwe lakithi liyoqonda kuhle kothi lomkhonto, kuzo zonke izigaba!
Mingaki imihlangano esike yabanjwa ososesheni nomasipala kudingidwa udaba kwezinkundla zebhola? Ikhona imali kepha eyezekhethelo lasekhaya.
Ithini inkosi yendawo uma abantu bengenazo izinkundla emakhaya, ekubeni kunodedangendlale womhlaba woyisemkhulu? Phela nakhona emakhaya abanye abaholi bomdabu, into abayaziyo ukusika iziza ngamakesi otshwala.
Muva nje, sekukhokhwa imali engasukumi phansi. Khona emakhaya abantu bebhola bathuleleni, abafuni yini ukuba nezingane ezidlala emaqenjini esizwe, kwiPSL nokuwelela phesheya kwezilwandle?
Asisukume sizithathe siyeke ukuba amancethencethe, noma abaphume ezikhundleni abasaba ukulwela ibhola neziphathimandla.
Impela luselude ukhalo!