UMHLAZIYI: Mpume Nzimande
IKHONO lokuzilawula ekuthatheni izinqumo eziphusile, nasekuqikeleleni ukuthi awusuki emigomweni ozibekele yona, liyinkomba yobuhlakani bomuntu. Umlobi ukholwa wukuthi uma umuntu angakwazi ukumela izimiso zakhe futhi ehluleka ukuzilawula yena uqobo, kuvamisile ukuthi anhlanhlathe ezinkambisweni zempilo yakhe.
Umlobi wencwadi, uDkt Alistair Mokoena, ucikoza ngamava akhe kwezokuphathwa kwabantu nasekulawuleni izinhlaka ezehlukene emisebenzini. Phela uMokoena akalona ivukana nje, ungumqondisi weGoogle SA, okuchaza khona ukuthi ukhuluma ngento ayaziyo.
Empeleni ingqikithi yeServings of self-mastery, isophe ukukhuthaza abantu ukuthi basebenzise ubuhlakani babo ngezimiso abazenzayo futhi bangazenyezi ngokuthi kabanalo ulwazi olufanele.
UMokoena weluleka ngokuthi uma uke ufikelwe wukunqikaza, mhlawumbe usudidekile ngokuthi iqhinga lakho lizosebenza kanjani, khululeka kawusona isilima futhi lokho kwenzeka kunoma ngubani. Okusemqoka wukuthi ucophelele uma unezinhlelo zakho futhi uzicathulise ngokwakho.
Incwadi ethi Beer country’s Blackouts & boerewors, ibhalwe nguKarl Tessendorf noGreg Gilowey, yashicilelwa ngabakwaPenguin Books
UKUCISHWA kukagesi kungenza udideke ingqondo, ungazi ukuthi uzophekani. Kunezincwadi eziningi ezinamaresiphi akusizayo ukuze ukwazi ukubasa izinkuni, upheke ngisho ungekho ugesi.
Zitholele ezinye izincwadi kwa-Exclusive Books https://www.exclusivebooks.co.za/