INCWADI: The Jack Reacher: the secret
ABABHALI: Lee no-Andrew Child
Abashicileli: Penguin Random House
KUJUTSHWA umphenyi onekhanda eligxabhayo ukuthi athungathe abantu ababulele ososayensi abayisishiyagalombili.
Kepha izikhulu zihlangabezana nembibizane ngoba akalawuleki umphenyi yize ephumelela ukusombulula inkinga. Ishubile indikimba yenoveli entsha ethi Jack Reacher: The secret, ebhalwe nguLee Child, nomfowabo u-Andrew.
ULee uselobe uchungechunge lwezincwadi eziwu-28 ngomlingiswa uJack Reacher. Kugcina kuyindida uma umbhali eloba ngomlingiswa oyedwa aze abe nochungechunge lwezincwadi ngaye.
Yize kunesasasa ngamavoveli abhalwe nguLee, kubuye kushode ubuciko obuthize ngenxa yokuthi umlingiswa useyaziwa nabafundi sebeyaqagela ukuthi uzokwenza njani.
Kuqubuka umsindo ezweni ngemva kwezigemegeme zokubulawa kwabantu ngo-1992, eChicago. Kuphaphama isiguli silele esibhedlela kepha sithole kukhona abesifazane esingabazi futhi abangebona abahlengikazi noma odokotela. Basibuza umbuzo onzima. Makhathaleni isiguli sitholakala sesidindilize egcekeni siphahlazeke zisuka egunjini leziguli eliphezulu ebhilidini.
Yize kusolakala ukuthi sizibulele kepha kukhona okushaya manzi uma sekutholakala ezinye izidumbu. Lokho kwenza ukuthi sidinwe sigane unwabu isikhulu sikahulumeni esiphethe umbutho wezempi ezweni, bese sijuba ukuthi bamfune bamthole uReacher, osethathe umhlalaphansi. Isikhulu simnikeza ijoka lokuphenyisisa ngomsuka wokubulawa kososayensi futhi sidinwa kufanele ngoba izidumbu ezitholakala ngapha, nangapha ngezososayensi ababesiza i-USA, empini embuthweni kahulumeni.
Kuthanda ukuba nzima ukusebenzisana kukaReacher namasosha ngoba akawethembi futhi akajwayele ukusebenzisana nabantu uma ephenya. Kepha ugqozi lukaReacher lokuthola ababulali lumenza akushaye indiva ukuba neconsi ngamasosha. Inkinga wukuthi uReacher uvulela isibhaxu ngaphambi kokubuza ukuthi konakelephi futhi ungukhanda limtshela okwakhe.
Umlobi uLee uthandwa ngabaningi kepha kulokhu usebenzisana nomfowabo u-Andrew Child. Kawushabalalali umdladla wakhe wokwakha nokuqhakambisa ubuhlakani bukaReacher njengomlingiswa ophambili encwadini.
Yize inoveli kungeka-28, esilotshwe nguChild, abathandi bamanoveli kaLee bazoyijabulela kepha akukho simanga esitheni. Kuqhuma impama, inqindi nakho konke okuvamisile ezincwadini ezigxile ebugebengwini nasodlameni.