The seventh son ibhalwe nguSebastian Faulks, yashicilewa yiPenguin Random House Publishers
INTSHISEKELO yokuqhubekela phambili nemfundo ukuze agogode abe ngudokotela, iyamphoqa uTalissa Adam, ukuthi ajoyine uhlelo lwabesifazane ukuze athole imali. Kulolu hlelo kukhethwa abesifazane abangaguli, bakhulelwe ngenhloso yokusiza abantu abangazitholi izingane bese bethola imali ebhekile impela.
Ngenxa yokweswela imali yokufunda uTalissa, ujoyina uhlelo ukuze ashaye izinyoni ezimbili ngetshe elilodwa. Ubona kungcono ukuthi asize abashadikazi abaneshwa lokungabatholi abantwana ukuze bamkhokhele imali yasenyuvesi, nabo bathole umntwana.
Incwadi kaSebastian, ixwayisa ngezinhloso ezimbi, nezinhle zokufeza amaphupho abantu abangaphiwe inzalo. Iqubula imibuzo ngezenzo zodokotela abanezinhloso ezimbi zokufeza izimfuno zabo bagagamele baze bafune ukuzenza uMdali uqobo.
Uhlelo lwe IVF (in vitro fertilisation) lusetshenziswa kakhulu uma abantu behluleka ukuthola abantwana. UTalissa ujoyina lolu hlelo ukuze abe yisurrogate mother kanti akazi ukuthi kuzophimba izinhlelo.
Kuphambana izinkomishi uma uDkt Malik Wood, etshala umbungu ongafanele kuTalissa kepha akekho osolayo.
Ngemva kweminyaka uSeth esezelwe futhi esefunda, kuhlaluke obala ukuthi udokotela owagxambukela ngesikhathi kutshalwa umbungu kuTalissa, kwabhimba izinto.
Umbhali ufuna ukuthi sicubungulisise izinqumo esizenzayo nokwethembela kososayensi ekubeni bengenawo amandla oMdali.
Ungazithola ezinye izincwadi kwabase-Exclusive Books https://www.exclusivebooks.co.za