MHLELI: Ngithi manje sekuyiso isikhathi sokuphumela obala ngenhlalo yokuhlukumezeka kwezakhamuzi zaseThekwini kanjalo neNingizimu Afrika yonkana.
Amanzi awekho eThekwini, awaphumi kompompi ezindaweni eziningi. Mina nje ngiseNanda, oHlange ngasegDube Village. Kuphela isonto amanzi engekho. Cabanga uMasipala weTheku wonke oholwa yiqembu i-ANC uyehluleka ukunakekela izakamuzi zawo ngamanzi.
Kuzoba yinkinga ebhekene nawo wonke umuntu ezweni yokwenyuka kwamanani emali yokuthenga ukudla ezitolo. Kuyabiza. Yinkinga eqale ekwenyukeni kukaphethroli nodizili ngendlela exakile. Lokho kunomthelela ekwenyukeni kwentengo yokudla.
Ithule ithini i-ANC sifa kangaka ngaphansi kukahulumeni oholwa yiyo? Bese kuzoba yinkinga yokucishelwa kukagesi. Uyabona emakhaya eMfekayi koMtubatuba, okwakhona kunzima kakhulu uma kuza kugesi. Uhamba usuku lonke. Kuyenzeka kube yizinsuku ezimbili ugesi uhambile.
Ithule ithini i-ANC abantu behlukumezeka kangaka ezweni? Imiholo ayenyuki njalo ezinkampanini kuso sonke lesi simo esibhekene naso sokubiza kwempilo ezweni. Kunzima ukuphila esikhathini samanje ngaphansi kobuholi bukaMengameli Ramaphosa ne-ANC. Abantu abasha abaningi bahleli emakhaya neziqu zabo, imisebenzi ayikho.
Uma ubheka emadolobheni amaningi amakhulu abantu abanalo uphahla abangalala ngaphansi kwalo, imisebenzi ayikho kunzima. Ithule ithini i-ANC? Ngizofisa ukukucacisa lokhu, yebo sonke besiyivotela i-ANC ngethemba lokuthi impilo yezakhamizi zasemzansi izoba ngcono kodwa kuze kube yimanje akwenzeki. Kuya kuba nzima kakhulu.
Kuye kwangifikela engqondweni yami ukuthi sekuyiso isikhathi sokushitsha ivoti ngonyaka ozayo, sivotele wonke la maqembu asephumele obala athi azohlangana ukuhola izwe ngonyaka ozayo.
Isifundazwe iKwazulu-Natal vele iningi lezakhamizi zakithi seziphumele obala ngokuthi zizovotela i-IFP. Bantu bakithi asiphumeni siye kovota ngonyaka ozayo, sivotele ukukhipha i-ANC emandleni.
Vele yayifakwe yithi emandleni. Sinethemba lokuthi impilo izoba ngcono kodwa yona yehluleka ukwenza lokho.
Kunalokho iyasicindezela nenhlupheko sikhathele imilolozelo yabo nezinganekwane zabo manje, bacula iculo elilodwa njalo abaholi be-ANC, lamanga nezethembiso ezingekho.
Basenza izitebhisi zokuzicebisa babe nemiqala emikhulu, badle izimali zamathenda nabangani babo. Bashaya abantu emigwaqweni nabaqaphi babo basishayelise kabi, siphathiswe okwezinja. Sikhathele ngamanga kaKhongolose. Awuhambe ushone njengesipikili
Sizwe Ndlovu
EMTUBATUBA