KUNGABE usumtholile usofa-silahlane wakho? Wayibeka imali yokuthuma abakhongi, waze wakhetha ukuthi uzoguqa nini ngedolo, ucele ukuba abe ngumkakho? Noma usadla ngoludala, wakhuluma nabakini, ngencwadi ezofundwa ngabazali bentokazi oyithandayo, wathi: “Ngicela ningiphe usuku sifike sozoxoxa nani bazali bakhe?”
Yithi uma usukwenze konke kodwa kungakahanjwa ukulobola, ukhokhele ummeli, ucele ukuthi akweluleke ukuthi iyiphi indlela okumele wenze ngayo? Ungagcini lapho, menze abe yithimba labakhongi bakho ukuze aqophe konke okuzobe kuvunyelwana ngakho.
Lana wenzela ukuthi uma sekumele kuqhamuke ubufakazi bokuthi izingxoxo zahamba kanjani, kungalokhu kuqagelwa noma kuthenjelwe komalume asebebadala, abangasakhumbuli kahle ngenxa yokuxinwa ukugula noma ukuguga.
Iphutha elenziwa ngabaningi ukuhlanganisa imithetho engahlangani, lapho khona bethathela kumthetho wasentshonalanga, babuye bathathe nowethu ngenhloso yokuthi benza okufakana ezintweni kanti sebeyona.
Ilungelo lokushadwa ngokulawulwa wusiko lwakho:
Kuyilungelo lakho lokuthi ukwazi ukuphila ngendlela ehambisana nosikompilo lwakho. UMthethosisekelo ngaphansi kweziGaba 9, 10, 15, 18 no-30, uyakubalula lokhu. IPhalamende liphinde laphasisa imithetho ukuqiniseka ukuthi ilungelo lakho liyavikelwa.
Wenzenjani uma ufuna ukuba nomshado osemthethweni?
Ukhetha umthetho owodwa vo ozolawula umshado wakho; ukhetha phakathi kwe-Civil Marriage Act, Recognition of Customary Marriages Act noma i-Civil Union Act.
Le mithetho kayixutshwa, uma usukhethile uhlala kuwona uze ushintshe mhla usuhlukanisa ngaphansi kwalowo mthetho noma usufaka isicelo enkantolo, ucela ukuthi ikunike imvume yokuthi ushintshe.
I-Recognition of Customary Marriages Act kuphela okwaziyo ngaphansi kwayo ukuthola amakhosikazi adlulile kweyodwa, phecelezi isithembu. Kuba nemigomo nemibandela okumele ilandelwe ukuze lulo hlobo lomshado ube semthethweni.
Okubaluleke kakhulu; kumele abazoshada babe neminyaka engaphezu kuka-18, bavumelane ngokuthi bayafuna ukushada, ikakhulu ngaphansi kwalo mthetho. Lo mthetho uyaqhubeka uthi kumele umshado, ukhulunywe, kuvunyelwane, kungenwe kuwona, bese kuyagujwa ukuze uthathwe njengesenzo esiphelele.
Iningi labantu liba nemicimbi yezethembiso, ake athathwa njezenzo zokuphelelisa umshado yinkantolo ngaphambilini. Sizokhumbula ukuthi inkantolo odabeni oluthinta umculi uHip Hop Pantsula (HHP), osadlula emhlabeni, yathi okwakwenziwa nguyena nesithandwa sakhe kwakuphelelisa umshado.
Inkantolo yanquma ukuthi izenzo nendlela abebeziphatha ngayo bekuthathwa njengabantu abashadile. Yikho kubalulekile ukuqopha phansi, kwaziwe kusekuhle ukuthi umshado wenu uyothathwa njengogcwele nosemthethweni.
Kulabo abafisa ukushintsha uhlobo lomshado noma befuna ukwandisa izindlu ngokuthola amanye amakhosikazi, kumele baqale kubameli ukuze banisize nenze okahambisana nomthetho.
Unkosikazi oshade ngokweCivil Marriages Act, unelungelo eligcwele lokumisa noma acishe noma yimuphi umshado ovela ngemuva kowakhe. Ngakho-ke, nani zinzalabantu ngiyanicebisa ukuthi uma senitholile ukuthi ubaba useshadelwe ngokungemthetho, yekani amaphinifa nemishiza, nisebenzise induku yomthetho ukuze izinto zenu ziqonde.
Ushintsha kanjani ukuze konke kuhambisane nomthetho?
Uyakwazi ukushintsha ube nesiqiniseko sokuthi uhambisana nomthetho. Ufaka isicelo enkantolo ephakeme lapho uzokwethula khona izifiso zokushintsha uhlobo lomshado oshade ngawo. Wazise bonke okungenzeka ukuthi uyabakweleta nabakuboleka imali kunesisindo sokuthi nizobambisana noshade naye kumbe noshadelwe naye, uma sekukhokhwa leyo mali ebolekilwe. Uma abezikweletu bengakhali, bengasho ukuthi akuvinjwe yinkantolo, inganinika leyo mvume.
Uma senihlangana kumele uqiniseke ukuthi imigomo nemibandela enizongena ngayo kumshado omusha iba yi-Out of community of property without accrual, lapho nithi thina sihlanganiswe wuthando kuphela, imali nezikweletu zethu zihlukene (umshado ohlukanise amafa).
Kungcono ukuthi izeluleko nemishado kuhambisane nezincwadi zamafa, kuhlangane ngala kuphinde kusho ukuthi kwenzekeni uma oyedwa wethu engasekho.
Qiniseka ngalokho okulandelayo ukuze izinto zakho zihambe ngendlela:
Lulekwa kuqala ngohlobo lomshado, imigomo nemibandala umshado wakho okumele ulawulwe ngakho, ukhethe ukuhambisana nedlela ofuna ukuphila ngayo.
Thola ummeli ozohamba nethimba lakho, nguyena uzoqopha konke okuzobe kwenzeka, aqiniseke ukuthi kuyaziwa ukuthi kuyothathwa nini njengokuganiselwene ngokugcwele.
Bhala incwadi yamafa ezovuselelwa njalo ukuqiniseka ukuthi ushiye ubeke umyalelo owaziwayo ukuthi ufuna kwenzekeni uma ungasekho.