INCWADI:I-The Mentoring Roadmap: Ultimate guide for mentors and mentees
UMBHALI:Catherine Hodgson
ABASHICILELI:Staging Post
UMHLAZIYIl: Mpume Nzimande
PHAKATHI kwamasu asetshenziswa yizinkampani ezehlukene ngenhloso yokucobelelena ngolwazi nokucathulisa abasebenzi kubalwa i-mentoring.
Izinkampani ziqhakambisa lolu hlelo ngenhloso yokuthuthukisa amakhono abasebenzi kwezokuphatha ngokwethembeka ezikhundleni, kwezokulawula nezokuthuthukisa abanye ngaphandle ngokwenzelela nokuvalela abanye abasebenzi ngaphandle.
Umbhali weluleka ngokuthi kusemqoka ukuthi bucaciswe ubudlelwano phakathi kwementor (umeluleki) nementee (olulekwayo), kubhalwe phansi izinhloso zokusebenzisana ukuze kugwemeke ukudideka nhlangothi zombili.
Le ncwadi ihlukaniswe ngezigaba ezehlukene lapho kuboshelwe umhlahlandlela imigomo okumele ilandelwe ukuze kuthuthukiswe amakhono abantu.
Umlobi ukholwa wukuthi kunezithelo ezinhle ukucijwa kwabaphethe izikhundla ukuze bangadukisi abanye futhi bangazenyezi uma kukhona abafundile kakhulu kunabo.
Ukweluleka abasebenzi kusiza ekutheni abantu bakhombise amakhono abo bese kuthi abanye bathekele ulwazi kulabo abanesipiliyoni esithuthukile.
Lolu hlobo lusebenza ezinhlakeni ezehlukene okubalwa ezamabhizinisi, ezepolitiki ngisho nakwezobuholi bamabandla.