KUNINGI esingakulungisa namhlanje okwenze sihlanganise okwasentshonalanga nokwakithi komdabu ngoba sekwasingena kokubili.
Ngikhuluma lapha ngomshado wabantu ababili uma sebelobolene, lapho iningi ligcina ngokushada umshado omhlophe, okugcina kushaya izingane ngoba unina usuke engatheliwe ngenyongo.
Imfundisoze esagxishwa yona, yokuthi ushade ngoba ufake indandatho emnweni ize ifakwe nangumuntu wesilisa imbala, ingene yathi shi kithina.
Ezinye zezinto ezisishayayo nezithikameza izingane zethu wukuthi kugcina kuthiwa ziyabangwa, yikhona lokhu okudalwa ukwenza izinto ngesiko lasentshonalanga. Kuthi elesintu okuyilona eliphelelisa owesifazane ukuze abengumfazi ophelele emzini lapho eganele khona, ligcina lingenzeki.
Kungakho emandulo kwakuqikelelwa ukuthi umuntu wesifazane wayelotsholwa, uyoze aphume kubo ngoba esehamba ngodwendwe. Nakhona akubona bonke ababeba namandla okugcgaca kodwa kwakuthi noma kungenzekanga, kugezwe ngembuzi kushwelezwe.
Namhlanje sekulula ukuzwa abantu bethi besiganisa ubaba, nomama kumbe ugogo, nomkhulu ngoba abagcagcelananga. Yileli phutha eselisetshenziswa ngabelaphi bendabuko, umuntu athi konke lapho ngihamba khona kuthiwa angishadise ubaba, nomama kumbe ugogo, nomkhulu.
Umuntu wesifazane uyaye azibone engaphelele uma engazange wagqoka ingubo emhlophe, abanye baze baqhoshe ngayo. Umuzwe umuntu ethi “wemame mina ngashada ngafakwa indandatho”, sengathi indandatho yiwona mshado ophelele ongcwele kanti kushiwe lona wesintu.
Ngalo uthando esalugxishwa ngabamhlophe ngoba ngeke sisaphinde siphume kulona kulula ukuthi sikwenze sikhathi sinye, sikuhlangise kokubili ngezindleko ezifanayo, kungekho lapho uzokhokha izindleko. Kuyabe ngelinye ilanga usuthi uqongelela ukwenza okwesintu.
Uma ubabele ukuhlanganisa kokubili, ikhona indlela futhi ilula. Udwendwe lwaluphuma ngoLwesihlanu. Ukugcagcisa umuntu wesifazane kudinga izinkomo ezintathu kuphela. Uma ekhishwa umuntu wesifazane kubo ukhishwa ngomcamo okuyimbuzi, okuthi uma unkosikazi kamkhongi esephuma nebhokisi, emandulo okwakuba yizimpahla ezazigoqwa ngocansi, kuhambisane nenkomo ekhishwa nguyise wentombazane okuthiwa wudondolo, ezofike ihlatshwe engakafiki, ihlatshwa ngaphandle okuyiyona abikwa ngayo emzini lapho.
Kuyokuthi ebusuku esefika umakoti, ekuseni sekuhlatshwa inkomo yezibhoma noma isibhoma, ehlatshwa ngumkhwenyana okuyiyona manje yokumthela ngenyongo.
Yilezi zinkomo okuzophambana izinhlangothi phakathi kwazo, udodondolo nebhoma/isibhoma. Yilapha-ke kufanele senze khona ukuhlanganisa.
Uma umakoti engena nodwendwe ngoLwesihlanu, inkomo yodondolo isihlatshiwe nebhokisi selingenile, sekuzokuthi ekuseni sekuhlatshwa le nkomo yebhoma, ithi ingawa umakoti uma eqeda nje ukuhlaba inxeba ngokwesintu, bese beyishiya kanjalo inkomo kuqhutshekwa nayo sebeyahamba ngawo uMgqibelo sebeya esontweni kumfundisi, uyobahlanganisa ngendandatho nangokwenjongo yabo.
Uma iphuma inkonzo leyo eqeda umfundisi, babuyele ekhaya lapho umakoti eseyokwaba esethelwa ngenyongo yenkomo yebhoma nodondolo. Sekuzokwabiwa kwenziwe konke esegqoke umakoti indandatho yakhe. Kuzobuswa kuze kushone ilanga.
Sekuyothi kusasa ngesonto kulapho sebengahamba-ke sebeyoshaya izithombe zabo zomshado njengalokhu kujwayelekile. Umehluko lapha bakwenze konke ngempelasonto eyodwa esingathi ngesikhathi esisodwa.
Uma ukubheka konke lokhu kunokuthi uchithe imali ngomshado omhlophe, uphinde uchithe enye ngokwesintu, wena usukwazile ukuhlanganisa wakwenza into eyodwa nangesikhathi esisodwa.
Baningi esengibenzisile lokhu. Uthole umuntu uyabuya uyabonga athi uyazi emalini engiyongile ibe nkulu kabi ngokuthi ngenze konke ngikuhlanganise. Ngikwaze ukumisa itende elilodwa, ukudla kosuku olulodwa, izinkomo zonke ngasikhathi sinye. Ngamfaka umakoti indandatho ngaqeda konke. Inkomo yesithathu abanye abangasayihlabi ngenxa yezindleko futhi engena sidingo kangako, ihlabisamthimba.
Njengoba igama lisho, usuke lapha usuhlabisa umthimba ofike nomakoti nabo bonke ahamba nabo. Akulona icala elingako uma ungabanga nawo amandla ayo kodwa uma nje ukwazi ukwenza lezi zenyongo zokuthela umalokazane, kuphelele.
Kufanele sikuqikelele lokhu, ukuthi sikwenze ngendlela enganandleko eziphezulu ngoba kusemqoka kokubili ngokwesikhathi esesiphila kusona. Abanye emandulo wawuthola ukuthi umalokazane ushada esontweni kule liviki ngelizayo sekuphuma udwendwe.
Nalokhu kwakusiza kodwa izindleko lapho seziphindeka kabili. Njengalokhu namhlanje izinto sezibiza namandla engasekho. Ezinye izinto ezazitholakala ngokulima nokutshala kufanele sigcine lokho okuyikhona okuzokwemzela kuphela ukuze izingane zethu zingabi nezinkinga njengalokhu sezibhekene nezingwadla namhlanje.
Into okufanele siyiqikelele, akufanele kukhona konke esikwenzayo sizinake thina bazali kodwa asenze lokho okuzokwenza izingane nesizukulwane sethu kuphile futhi kube nekusasa elihle.
Namhlanje sinezingane ezidela amakhaya ziyohlala emigwaqweni, ezinye ziyehluleka ezikoleni, ezinye zigcine ziyimidlwembe zingena emajele ngakho njalo ukuthi sathi uma sithi siyathathana, senza okungaphelele. Lokhu kwenza ngokuphelelisa, kuyosiza ungalokhu uphuma ungena kwabanamanga bekutshela okungekhona, bese impilo yakho iduka unomphelo.
Bhedlindaba “VVO” Ka Lu Phuzi Mkhize (PhD)
Isigodlo saseMlambomunye : School of Umsamo Wisdom
Gauteng: 010 007 5294/5
KZN 087 11 00 555
Esigodlweni: 033 342 3945