Incwadi iDomestic Terror: Intimate Partner Violence in South Africa, ibhalwe nguNechama Brodie yashicilelwa yiKwela Books
SIYADLONDLOBALA isihlava sokushawa, ukuhlukunyezwa, nokubulawa kwabantu besifazane yizithandwa zabo. Kusobala ukuthi kunemixhantela egqugquzela abesilisa ukuthi bazibone benamalungelo okuhlukumeza nokubulala abesifazane abathandana nabo. UDkt Nechama Brodie uchaza ngemithombo yenkohliso okubalwa imithetho, amasiko, nezinkolelo ezimbi.
Encwadini iDomestic Terror: Intimate Partner Violence in South Africa, uNechama ulandisa ngezigameko zokubulawa kwabesifazane ezishicilelwe emaphephandabeni kusukela ngo-1911.
Uxwayisa ngezenzo ezingaba yizinkomba zokuthi isithandwa sakho singakuhlukumeza futhi singakubulala:
Yindlela umuntu athanda ukukulawula ngayo; uqala ukukuphoqa ukuthi umtshele konke okwenzayo; ufuna ucabangele yena nezimfuno zakhe kuphela; uyakunqabela ukuthi ube nabangani ngisho nomndeni wakho, nokunye.
Umlobi ugxeka indlela izintatheli ezibika ngayo ngokuhlukunyezwa nokudlwengulwa kwabesifazane. Ukhononda ngolimi oluhlanekezela iqiniso ngokudlwengulwa nokubulawa kwabesifazane. Uthi baningi ababulawa bephethe izincwadi zezivimbelo ngenxa yokuthi abasolwa bazishaya indiva kanti abomthetho abaqikeleli ukuthi izisulu zivikelekile.
Ziningi ezinye izincwadi ongazithola kwabase-Exclusive Books https://www.exclusivebooks.co.za
I-JanBraai Junior, ibhalwe nguJan Braai, yashicilelwa yiPenguin Books
Yincwadi egcwele amaresiphi namasu okosa inyama, ukubhaka emlilweni nokunye. Iqondiswe ebantwini abasha futhi abafuna ukuzifundisa ukosa ngendlela efanele nephephile.
Ziningi ezinye izincwadi ongazithola kwabase-Exclusive Books https://www.exclusivebooks.co.za