ISIHLOKO SENCWADI: Zondo at your fingertips
UMBHALI: Paul Holden
ABASHICILELI: Jacana Media
UMHLAZIYI: Mpume Nzimande
ITHOLAKALA: Jacana Media, Exclusive Books
SIMAGANGE singumphakathi waseNingizimu Afrika, ukubona ukuthi ziyalandelwa yini iziphakamiso ezenziwa yiNhloko yamaJaji ezweni, iJaji uRaymond Zondo. Kunemiqingo yemibiko ewu-19, ehlukaniswe ngezigaba eziyisithupha, equkethe iziphakamiso zikaZondo.
Uyibhale ngokucophelela uPaul Holden, incwadi ethi Zondo at your fingertips: the definitive guide to the Zondo report, lapho elandisa futhi ecubungula imibiko eyadluliselwa kuMengameli wezwe, uCyril Ramaphosa ngo-2022.
Eqhulwini uchaza ngeKhomishini ebiphenya ngokulawula koMbuso yidlanzana, ebiholwa yiJaji uZondo.
Weluleka ngokusebenza kwayo, acahaze kabanzi ngofakazi ababalelwa kwabangu-300, kusukela ngo-2018 kuya ku-2021 nokunye.
Le ncwadi eshicilelwe yiJacana Media, ifana nebhayibheli lomsebenzi wekhomishini kaZondo, eyakhipha amasamanisi awu-3171.
Umbhali uchaza ngomehluko phakathi kwekhomishini nenkantolo. Uthi ikhomishini igxila ekuqoqeni ulwazi eluthola kofakazi, ezincwadini nakwezinye izinto. Kepha enkantolo, ijaji libheka ubufakazi obethulwa yizinhlangothi ezimbili.
Umbiko wekhomishini usemthethweni kepha kawunampoqo yize iziphakamiso zisemqoka. Isinqumo senkantolo siwujuqu futhi kumele sithotshelwe noma yikanjani, noma ngubani.
Uthi inkantolo ikhipha isigwebo kodwa ikhomishini yenza iziphakamiso.
Ziningi izincwadi ongazithola kwi:https://www.exclusivebooks.co.za kanti nabashicileli beJacana Media babophele ezinye izincwadi ezinohlonze ongazithola kwi: https://jacana.co.za